Isolezwe

Akusalalwa ngenxa yengane elahleke idlala

- NONTUTHUKO NGUBANE

KUMUNCU emphakathi­ni waseMphele­lwa, ePort Edward, nasemndeni­ni wengane eneminyaka emithathu elahleke idlala emnyango.

USthokozo Nkonyeni ugcinwe ngoLwesibi­li ekuseni ezidlalela ngaphandle kwendlu yakubo.

Umphakathi wakule ndawo kuthiwa awusalali kusukela ngoLwesibi­li uthungatha le ngane eduke igqoke okubomvu ngenhla, nebhulukwe eliluhlaza.

Isolezwe lithole ukuthi kulethwe nenja yamaphoyis­a ekwazi ukuhogela umkhondo kodwa yangasiza.

Osondelene nalolu daba uthe bangaphezu kuka-100 abantu abavela emphakathi­ni abasizayo ukubheka ingane.

“Noma ngubani ongalahlek­elwa yingane yakhe ngeke akwazi nokulala ubuthongo. Umphakathi wakule ndawo nomndeni abasabuthi quthu ubuthongo, kufunwa ingane yonke indawo. Akukho lapho kungayiwan­ga khona ukuyobheka ingane,” kusho yena.

Izolo, Isolezwe alikwazang­a ukukhuluma nabazali bengane okuthiwa bagcwele amahlathi babheka ingane yabo.

Onolwazi ngokuduka kukaSthoko­zo kucelwa axhumane nomphenyi wasesitesh­ini sasePort Edward, uWarrant Officer Paddy O’Connor ku-0743613571.

Khonamanja­lo, amaphoyisa aseMariann­hill acela ukufuniswa abesifazan­e ababili abalahleki­le.

UNksz Thina Zibuyile Lembethe (35) ugcine ukubonakal­a ngoDisemba 23. Waduka eyokhipha imali edolobheni akabange esabuya ekhaya. Wagcinwa egqoke ingubo ende ephuzi nesikhindi esimnyana nejezi elimnyama elinokumhl­ophe. Ubefake ophaqa.

UNksz Nomfundo Mbuyazi (19) wasePineto­wn yena ulahleke ngoDisemba 3 ngonyaka odlule.

Yena waduka eya esontweni akaphindan­ge wabuya ekhaya.

Wagcinwa egqoke isiketi esiluhlaza, isikibha esimhlophe nesigqoko sesonto esimhlophe nezicathul­o eziphuzi.

Abangaba nolwazi ngalaba besifazane kucelwa bathinte uWarrant officer JB Sthebe ku-073 190 1442 noma ku-031 717 2090/1. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt Colonel Thulani Zwane uthe kuyaphenyw­a ngokulahle­ka kwalaba abathathu.

 ??  ?? NOMFUNDO MBUYAZE
NOMFUNDO MBUYAZE
 ??  ?? THINA ZIBUYILE LEMBETHE
THINA ZIBUYILE LEMBETHE
 ??  ?? STHOKOZO NKONYENI
STHOKOZO NKONYENI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa