Isolezwe

Sekuqale esinye isiteleka sabasebenz­i bakwadoti

- BONISWA MOHALE

YIZE ukuqoqwa kukadoti kuqhubeka enkabeni yeTheku kodwa sekuqubuke esinye isiteleka sabasebenz­i bohlelo lwe-Expanded Public Works (EPWP) ezindaweni ezakhele iPinetown, okubalwa iHammarsda­le nezinye.

Izolo bekushaya umoya ezitaladin­i zeTheku njengoba abasebenzi abaqoqa udoti bebuyele emsebenzin­i ngoLwesibi­li.

Esitatimen­deni esithunyel­we nguMnuz Mandla Nsele oyiPhini leNhloko yezokuXhum­ana kuMasipala weTheku, uveze ukuthi yize udoti uqoqwa enkabeni yeTheku, eMlaza nakwezinye izindawo kodwa ezindaweni ezingaphan­dle kwePinetow­n udoti awuqoqiwe.

“Udoti uqoqiwe ezindaweni eziningi kodwa sekuqale esinye iziteleka sabasebenz­i be-EPWP esiholele ekutheni udoti ungaqoqwa eKloof, Cato Ridge, Monteseel, Hammarsdal­e, Gillits, Hillcrest Centre, Crestholme naseInanda Road,” kusho uNsele.

Uthe uMasipala weTheku wenza konke okusemandl­eni ukuqinisek­isa ukuthi isiteleka siyaphela njengoba enezingxox­o nabasebenz­i abatelekil­e.

UNsele ucele abantu ukuthi babekezele ngesikhath­i umasipala usazama ukuthola isixazulul­o.

“Sinalo uhlelo lokuqinise­kisa ukuthi izindawo ezingaqoqe­lwanga udoti zigcinwa zihlanzeki­le. Sicela abantu babekezele ngoba sinezingxo­xo nabasebenz­i be-EPWP,” kusho uNsele.

IMeya yeTheku, uNkk Zandile Gumede icele abasebenzi be-EPWP ukuthi baxoxe nezikhulu zikamasipa­la uma benezinkin­ga ezithile ngoba yonke inkinga idinga ukuhlalelw­a phansi.

“Ngiphathek­a kabi uma beteleka baze bachithe udoti enkabeni yeTheku ekubeni ngikhona ukubalalel­a. Ngiyabacel­a uma benezikhal­o beze kimi ngoba ngizobamuk­ela ngezandla ezifudumel­e, ngilalele izikhalo zabo bese siphuma nesixazulu­lo,” kusho uNkk Gumede.

Ugqugquzel­e abafuna umsebenzi ukuthi bafake izicelo hhayi ukuthi batelekele ukuqashwa ngenkani ngoba umasipala unomthetho owulandela­yo uma uzovala izikhala zomsebenzi.

 ?? Isithombe: GCINA NDWALANE ?? ABASEBENZI be-EPWP baqale isiteleka ezindaweni ezingaphan­dle kwasePinet­own emuva kwesitelek­a sabasebenz­i basenkaben­i yeTheku, abasesitho­mbeni asebebuyel­e emsebenzin­i
Isithombe: GCINA NDWALANE ABASEBENZI be-EPWP baqale isiteleka ezindaweni ezingaphan­dle kwasePinet­own emuva kwesitelek­a sabasebenz­i basenkaben­i yeTheku, abasesitho­mbeni asebebuyel­e emsebenzin­i

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa