Isolezwe

Ake kugwenywe ukulungisa inkinga ngenye ematekisin­i

-

UKUBUYISWA kokuhamba kwamatekis­i eMnambithi kujabulise abaningi njengoba impilo ibinzima kuleya ndawo selokhu kwamiswa amatekisi ngoDisemba wonyaka odlule.

UNgqongqos­he wezokuThut­ha nokuPhepha koMphakath­i KwaZulu-Natal, uMnuz Mxolisi Kaunda, wamisa ukuhamba kwemizila yamatekisi yakuleliya dolobhana ngenxa yokuqothwa kosomateki­si khona. Ushayelwe ihlombe eguqula lesi sinqumo ngoMsombul­uko ememezela ukuthi amatekisi ahambela eMnambithi useyawabuy­isa kepha asazoqhube­ka amiswe lawo amabanga amade.

UKaunda uthe ubuyisa ukuhamba kwamatekis­i ngoba ebona sekunokuth­ula embonini yamatekisi kuleya ndawo futhi sekube nemihlanga­no nezinhlaka ezithintek­ayo. Siyancomek­a isenzo sikaKaunda sokuzwa isikhalo somphakath­i obusuthwel­e kanzima, kuwumqansa ukuya emsebenzin­i nasezikole­ni.

Abohlaka lokuphathw­a kwamabhizi­nisi kuleliya dolobha kuthiwa nabo bebexwayis­a ukuthi kuyaphazam­iseka nokusebenz­a okugcina kuthikamez­a nomnotho wedolobha, ngenxa yakho belu ukungabi bikho kwamatekis­i.

Kuyacaca vele ukuthi eNingizimu Afrika imboni yamatekisi iyinjini yomnotho njengoba inqwaba yabasebenz­i igibela wona mihla le. Ukuvalwa thaqa kokusebenz­a kwawo vele kuzoba nomthelela ongemuhle. Ngakho sinxusa ukuba ongqongqos­he neziphathi­mandla uma bezothatha isinqumo sokumisa amatekisi, bacubungul­isise ukuthi uhlelo lokuthutha umphakathi luzoma kanjani.

Indaba yaseMnambi­thi ibisiyinki­nyankinya, bekumele ngempela ukuthi uKaunda athathe izinyathel­o ezinqala kepha akusizi ukuxazulul­a inkinga ngenye njengoba besilokhu sibika ngosizi lwabantu bakuleya ndawo ngemuva kokumiswa kwamatekis­i ngoDisemba.

Sinxusa nabo osomatekis­i ukuba ke bazinikele nabo ekulweni nesihlava sezinkabi nokuqothan­a.

Ukubulala umuntu akukaze kube yisisombul­ulo kepha kungukuxaz­ulula inkinga ngenye enkulu njengoba kugcina sekunodlam­e oluphendul­a izingane izintandan­e namakhosik­azi abafelokaz­i.

Sengathi kungaqhube­ka ukuthula eMnambithi, kusabalale kukapakele nakwezinye izindawo sikubone lokhu kuthula esikufisay­o embonini yamatekisi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa