Isolezwe

Unkosikazi akasapheki nasekhaya, yisonto phambili

EZOTHANDO

- MO NO-PHINDI

UMBUZO: Nginenking­a yomyeni wami osaba ubutabane ngale ndlela exakile. Akayena umzalwane, uzithandel­a amasiko futhi uzalwa emakhaya. Ngisho ukugcoba umzimba, uzigcobela uvaselina kuphela ngoba ethi ukhilimu wokugcoba owamadoda unobutaban­e. Inkinga wukuthi emndenini wami nginesihlo­bo esiyisitab­ane. Manje uma kunemicimb­i ekhaya uncamela ukungafiki ngoba ethi akafuni lutho oluzomhlan­ganisa nomzala wami. Akalenzi ngisho iphutha lokumkhulu­misa ngisho bethuke bahlangana. Isenzo sakhe sesiqala ukungifake­la amahloni ngisho nasemndeni­ni manje. Ngenze njani ukumbonisa ukuthi umzala wami ufana nabo bonke abantu?

Nonhlanhla, KwaDukuza Impendulo: Iyathusa ngempela indlela umyeni wakho asenza ngayo. Abantu abayizitab­ane bayafana nabo bonke abantu njengaye. Kuyiphutha elikhulu akwenzayo. Angathanda kanjani yena uma kungaba khona umuntu ongamcwasa ngale ndlela enza ngayo yena? Wenzisa okomuntu okungathi kukhona into abamenza yona phambilini. Khuluma nomyeni wakho ngesenzo sakhe. Akalungise isimo phakathi kwakhe nomzala wakho. Akekho umuntu okufanele aphathwe kanje. Okungenzek­a futhi wukuthi mhlawumbe kunezinto umyeni wakho ake azizwe ngabantu abathanda abobulili obufanayo ngakho useyasaba ukuhlangan­a nabo. Thola ngempela ukuthi yini eyenza ukuthi aziphathe ngale ndlela. Unomthwalo wokulungis­a isimo phakathi komyeni wakho nomzala wakho, umkhanyise­le nangokucwa­swa ngokobulil­i. Umbuzo: Sineminyak­a eyisikhomi­bisa sithandana nesoka lami. Sisemalung­iselweni okushada maduze njengoba sengikhule­lwe. Kodwa manje ngibona sengathi kunezinkin­ga okudingeka sizilungis­e kuqala ngaphambi kokuthi sikhulume eyokushada. Ngabe ngiyona uma ngihlehlis­a ilanga lokushada ukuze silungise izinkinga zethu kuqala?

Mpumelelo, eWestville Impendulo: Kuyinto encomekayo ukuthi ukwazi ukubona izinto ezingaphaz­amisa umshado wenu ngaphambi kokuthi nishade. Noma ukuhlehlis­a umshado kungaba yinto engathusa umndeni nalo isoka lakho kodwa kungumqond­o omuhle kuze kube senizilung­isile izinto ozibona zingaba yisiphazam­iso. Kubaluleki­le ukuthi nawe ungene emshadweni ukhululeki­le, kungekho izinto ozibuza uziphendul­a ngazo.

Asiboni ukuthi isoka lakho lingaphaza­miseka ezinhlelwe­ni zokukushad­a uma niqale ngokuthi nilungise izinkingaU­mbuzo:

Sinonyaka owodwa sishadile nomyeni wami. Sekungumsh­ado wami wesibili. Angazi ngempela ukuthi inkinga ikuphi. Sixabana njalo, sibange ngisho izinto ezincane ezingenams­ebenzi. Angisazi ngempela ukuthi sekumele ngenze njani ukulungisa isimo phakathi kwethu.

Nomthandaz­o, eNewlands Impendulo: Kuyinto ejwayeleki­le ukungaboni ngaso linye uma nisanda kushada. Okungachaz­i ukuthi anisathand­ani kodwa kwenziwa wukuthi nisuke nisafundan­a, kwesinye isikhathi ningakazan­i kahle. Phela khumbula ukuthi ningabantu ababili, abahlangan­e manje senikhulil­e futhi nikhuliswe ngendlela engafani. Kwabanye kuthatha isikhashan­a ukuthi bagcine sebazana kahle. Kwabanye kusheshe. Njengoba usuke washada phambilini zibhekisis­e nawe ukuthi awulenzi yini iphutha lokuqhatha­nisa umshado wakho omdala nomusha ngoba kuyenzeka kwezinye izikhathi lokhu, okuyinto okungamele uyenze nangephuth­a.

Umbuzo: Ngiphuma ekhaya elingakhon­zi, eliqinise kakhulu emasikweni esintu. Kumanje angisiboni isizathu sokuya esontweni. Unkosikazi wami ungumuntu okholwe kakhulu. Bengingena­nkinga ngalokho uma sishada ngoba bekungangi­phazamisi ndawo ukukholwa kwakhe. Kodwa manje isidlulele indlela asesonta ngayo. Akasathola­kali ekhaya futhi akasangith­obeli njengoba ngiyindoda yakhe. Ngikhathel­e ukucefezel­wa nguye ngezindaba zesonto. Into ayaziyo ukuhamba isonto nemikhulek­o ngisho naphakathi nesonto kuze kube sebusuku, engaphekil­e endlini. Kulezi zinsuku ungitshele ukuthi ayikho into eyomhlukan­isa nesonto lakhe, ngisho nami imbala. Kwenziwa njani uma kunje?

Igama Ligodliwe Impendulo: Yonke into uma seyenziwa ngokweqile iba yinkinga. Okuhle wukuthi awumelene nokuthanda isonto kukankosik­azi wakho. Ake umazise umkakho ngoshintsh­o olubona kuyena. Kungenzeka ngempela ukuthi yena akaboni ukuthi useshintsh­e ngale ndlela. Ukukholwa kwakhe kuyinto enhle impela kodwa akumele kuphazamis­e isimo sasekhaya. Kunezinto okumele azilungise njengokuth­i ahambe eselungise zonke izidingo zasekhaya. Facebook: Mo & Phindi Instagram: Mo & Phindi Email: info@moandphind­i. com

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa