Unkosikazi akasapheki nasekhaya, yisonto phambili
EZOTHANDO
UMBUZO: Nginenkinga yomyeni wami osaba ubutabane ngale ndlela exakile. Akayena umzalwane, uzithandela amasiko futhi uzalwa emakhaya. Ngisho ukugcoba umzimba, uzigcobela uvaselina kuphela ngoba ethi ukhilimu wokugcoba owamadoda unobutabane. Inkinga wukuthi emndenini wami nginesihlobo esiyisitabane. Manje uma kunemicimbi ekhaya uncamela ukungafiki ngoba ethi akafuni lutho oluzomhlanganisa nomzala wami. Akalenzi ngisho iphutha lokumkhulumisa ngisho bethuke bahlangana. Isenzo sakhe sesiqala ukungifakela amahloni ngisho nasemndenini manje. Ngenze njani ukumbonisa ukuthi umzala wami ufana nabo bonke abantu?
Nonhlanhla, KwaDukuza Impendulo: Iyathusa ngempela indlela umyeni wakho asenza ngayo. Abantu abayizitabane bayafana nabo bonke abantu njengaye. Kuyiphutha elikhulu akwenzayo. Angathanda kanjani yena uma kungaba khona umuntu ongamcwasa ngale ndlela enza ngayo yena? Wenzisa okomuntu okungathi kukhona into abamenza yona phambilini. Khuluma nomyeni wakho ngesenzo sakhe. Akalungise isimo phakathi kwakhe nomzala wakho. Akekho umuntu okufanele aphathwe kanje. Okungenzeka futhi wukuthi mhlawumbe kunezinto umyeni wakho ake azizwe ngabantu abathanda abobulili obufanayo ngakho useyasaba ukuhlangana nabo. Thola ngempela ukuthi yini eyenza ukuthi aziphathe ngale ndlela. Unomthwalo wokulungisa isimo phakathi komyeni wakho nomzala wakho, umkhanyisele nangokucwaswa ngokobulili. Umbuzo: Sineminyaka eyisikhomibisa sithandana nesoka lami. Sisemalungiselweni okushada maduze njengoba sengikhulelwe. Kodwa manje ngibona sengathi kunezinkinga okudingeka sizilungise kuqala ngaphambi kokuthi sikhulume eyokushada. Ngabe ngiyona uma ngihlehlisa ilanga lokushada ukuze silungise izinkinga zethu kuqala?
Mpumelelo, eWestville Impendulo: Kuyinto encomekayo ukuthi ukwazi ukubona izinto ezingaphazamisa umshado wenu ngaphambi kokuthi nishade. Noma ukuhlehlisa umshado kungaba yinto engathusa umndeni nalo isoka lakho kodwa kungumqondo omuhle kuze kube senizilungisile izinto ozibona zingaba yisiphazamiso. Kubalulekile ukuthi nawe ungene emshadweni ukhululekile, kungekho izinto ozibuza uziphendula ngazo.
Asiboni ukuthi isoka lakho lingaphazamiseka ezinhlelweni zokukushada uma niqale ngokuthi nilungise izinkingaUmbuzo:
Sinonyaka owodwa sishadile nomyeni wami. Sekungumshado wami wesibili. Angazi ngempela ukuthi inkinga ikuphi. Sixabana njalo, sibange ngisho izinto ezincane ezingenamsebenzi. Angisazi ngempela ukuthi sekumele ngenze njani ukulungisa isimo phakathi kwethu.
Nomthandazo, eNewlands Impendulo: Kuyinto ejwayelekile ukungaboni ngaso linye uma nisanda kushada. Okungachazi ukuthi anisathandani kodwa kwenziwa wukuthi nisuke nisafundana, kwesinye isikhathi ningakazani kahle. Phela khumbula ukuthi ningabantu ababili, abahlangane manje senikhulile futhi nikhuliswe ngendlela engafani. Kwabanye kuthatha isikhashana ukuthi bagcine sebazana kahle. Kwabanye kusheshe. Njengoba usuke washada phambilini zibhekisise nawe ukuthi awulenzi yini iphutha lokuqhathanisa umshado wakho omdala nomusha ngoba kuyenzeka kwezinye izikhathi lokhu, okuyinto okungamele uyenze nangephutha.
Umbuzo: Ngiphuma ekhaya elingakhonzi, eliqinise kakhulu emasikweni esintu. Kumanje angisiboni isizathu sokuya esontweni. Unkosikazi wami ungumuntu okholwe kakhulu. Bengingenankinga ngalokho uma sishada ngoba bekungangiphazamisi ndawo ukukholwa kwakhe. Kodwa manje isidlulele indlela asesonta ngayo. Akasatholakali ekhaya futhi akasangithobeli njengoba ngiyindoda yakhe. Ngikhathele ukucefezelwa nguye ngezindaba zesonto. Into ayaziyo ukuhamba isonto nemikhuleko ngisho naphakathi nesonto kuze kube sebusuku, engaphekile endlini. Kulezi zinsuku ungitshele ukuthi ayikho into eyomhlukanisa nesonto lakhe, ngisho nami imbala. Kwenziwa njani uma kunje?
Igama Ligodliwe Impendulo: Yonke into uma seyenziwa ngokweqile iba yinkinga. Okuhle wukuthi awumelene nokuthanda isonto kukankosikazi wakho. Ake umazise umkakho ngoshintsho olubona kuyena. Kungenzeka ngempela ukuthi yena akaboni ukuthi useshintshe ngale ndlela. Ukukholwa kwakhe kuyinto enhle impela kodwa akumele kuphazamise isimo sasekhaya. Kunezinto okumele azilungise njengokuthi ahambe eselungise zonke izidingo zasekhaya. Facebook: Mo & Phindi Instagram: Mo & Phindi Email: info@moandphindi. com