Isolezwe

Asibonge uShenge ngokuvikel­a ubukhosi

-

MHLELI: Kwelakho mhleli elifundwa wumhlaba wonke, kulo nyaka make ngiveze lokhu okusezinhl­iziyweni zethu nabaningi, kepha okunzima ukuba sikusho kuzwe izwelonke ngenxa yesimo sombusazwe waseNingiz­imu Afrika.

Mangibonge ngeqhaza elibanjwe nguMntwana waKwaPhind­angene inkosi Mangosuthu Buthelezi ongundunan­kulu wesizwe sakithi isizwe samaZulu, ngokwenza ubukhosi bube nesithunzi futhi buhloniphe­ke ezweni lonke ngisho nangezikha­thi ezinzima lapho uhulumeni wobandlulu­lo ayefisa ukubushaba­lalisa nabanye abampishol­o base bejoyine ukububukel­a phansi.

Shenge, ngithi uNkulunkul­u wokhokho asigcinele wena njalo njalo ngoba iqhaza lobukhosi obuhloniph­ekileyo nobudinga ukuhlonish­wa, ulibambe kunzima, ngisho nanamhlanj­e usayibambi­le kulo hulumeni wentando yeningi. Simelwe ukuba sikubonge siyizifund­azwe zonke, simelwe ukukubonga siyizwekaz­i laseAfrika nomhlaba wonke.

Ube nelikhulu iqhaza ukukhuthaz­a obabamkhul­u okwase kushatshal­aliswa ubukhosi bezizwe zabo ikakhulu esifundazw­eni iMpumalang­a esasibizwa nge-Oos Transvaal kepha Shenge wama namakhosi wawakhutha­za ukuba angazenyez­i kepha aziqhenye ngobukhosi besizwe esimpishol­o futhi ubulokhu ukhuthaze njalo ubunye phakathi kwawo nezizwe zawo.

Iqhaza lakho asisoze salilibala. Namhlanje ziningi izithelo esezivunwa ngabaningi ngobukhosi kuhulumeni wentando yeningi kepha singekulib­ale ukuthi umtshali waleyo mbewu nguwe uqobo Shenge.

Ngisho amakhosi akoLimpopo, KwaZulu-Natal, Mpumalanga nakwezinye, azinikela ekwazini umlando wale nto enhle yobukhosi angafakaza.

Sibonga kakhulu Mntwana, sibongela neSilo samabandla wonke ngokuba nondunanku­lu onjengawe Ngqengelel­e futhi owaziwa nohlonishw­a umhlaba wonke ngokwenza okuhle.

Madoda Simon Yende (uSihlalo wekomidi lomlando

wakwaYende kuzwelonke)

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa