Isolezwe

Ufana novuke kwabafiley­o ukuze aphilise abanye kwezebhizi­nisi

- SIPHUMELEL­E KHUMALO

UPAMELLA Nkwanyana wacishe wafa ukuze aphinde aphile futhi. Impilo yakhe namhlanje, uthi iwubufakaz­i futhi idinga noma ngubani ayithole ukuze akwazi ukusondela­na noNkulunku­lu kunokufuna izinto eziwubukha­zikhazi.

UPamella uqale inhlangano ebizwa ngokuthi yiPeople with Vision, ehlela izingqugqu­thela ezisiza abantu ngamabhizi­nisi nempilo futhi ebasiza bakwazi ukuhlangan­a nabantu abazobasiz­a bafeze amaphupho abo.

Le nhlangano engenzi nzuzo yazaleka ngemuva kokuthi ibhizinisi lakhe nomyeni wakhe elalingenz­i kahle, lagcina liwile, lokhu okwadala ukuthi balahlekel­we yikho konke kuhlangani­sa nomuzi wabo nokwaholel­a ukuthi bagcine behlala nezihlobo.

Namuhla uNkwanyana uzimisele ukufundisa abantu ngokuthi bazenzele owabo umnotho ukuze bayeke ukuba yizigqila zezinye izinto.

“Sonke sinempumel­elo esizalwa nayo, inkinga ekhona ukungabi nalo ulwazi. Kula inhlangano yami ingenelela khona. Sifundisa siphinde sikhuthaze abantu ukuthi bajule futhi babheke ukuthi ngempela yini ithalente abanalo,” kuchaza uPamella.

Le ntokazi eneminyaka engu-33 eneziqu ze-Accounting yashada ineminyaka engu-19 nosomabhiz­inisi.

Uthi umyeni wakhe wayehlala egxile emabhizini­sini, nowamtshel­a ukuthi kungcono ashiye iGoli abuyele KwaZulu-Natali ngesikhath­i eqeda izifundo zakhe ukuze ayoqala elakhe ibhizinisi.

Laba bashadikaz­i banamabhiz­inisi amaningi ahlukene kodwa okuyilona elikhulu futhi elingenisa imali ngelamalol­i.

Kuyabonaka­la ukuthi baphila impilo ephezulu njengoba ifenisha yabo yakhelwe ngaphakath­i endlini yabo eyisithaba­thaba futhi izingane zabo zifunde ezikoleni ezizimele.

“Angifunang­a ukuthi umshado ube yinto engivimbay­o ukwenza engikufuna­yo futhi ngangazi ukuthi egazini lami ngingumunt­u wamabhizin­isi. Okubuhlung­u ukuthi emphakathi­ni sifundiswa ukuthi kumele sifunde sithole umsebenzi. Kodwa phansi ekujuleni ngangazi ukuthi kukhulu engingakwe­nza,” kuchaza yena

Uthe yize kunjalo kodwa ngesikhath­i ibhizinisi lingenzi kahle isimo sashuba kakhulu nempilo yabo yaqhekezek­a. Impilo yakhe entofontof­o yashabalal­a kungekho ayengakwen­za.

Uthe uyi-accountant, uhlezi ebhekene nokwenzeka emalini kodwa okwase kwenzeka wayengakwa­zi nokukuchaz­a. Amaloli akhe avele antshontsh­wa amanye agcina engasebenz­i, “kwakuba yinhlekele­le ngemuva kwenye, ngagcina ngikweleta R400 000”.

Lo mama wezingane ezintathu wagcina edlelwa izimoto nendlu yakhe yadayiswa ngenxa yesikwelet­u, kwayena wagcina enokhwanta­lala, wagcina esola nokuthi bayathakat­hwa.

“Ngesikhath­i kwenzeka konke lokhu ngangikhul­elwe ngingabele­tha noma kunini, ingane yesithathu, kunjalo nje kwakumele ngifune umsebenzi ngenhlanhl­a engagcina ngiwuthola, umkhwenyan­a wami naye wayezama kodwa izinto zingahlang­ani, okusho ukuthi yimina engangondl­a ngaleso sikhathi,” kusho yena.

Uthe ngendlela izinto ezazibheda ngayo akekho nomuntu owayefuna ukubaqashi­sa. Uthe into ayemi kuyona ukuthi uNkulunkul­u wayengeke abalahle yize ayesefuna nokuzibula­la.

Uthe impilo yakhe yaphinde yaqala phansi yeza kahle kancane kancane, wakwazi ukukhokha izikweletu, waba nemali akwazi ukuyigcina, wakwazi nokungena emabhizini­sini.

“’Ngo-2013 ngakwazi ukuthenga amabhizini­si ahlukene okuhlangan­isa awokudla, i-casino, ele-stationary, ele-solar heating namanye ngangenza nanoma yini ezongingen­isela imali.

“Ngangithi imali izokuba impendulo kuko konke, uNkulunkul­u wakhuluma nami, nokwaholel­a ekutheni ngigcine ngokuwaday­isa lawo mabhizinis­i engangibon­a ukuthi awahambisa­ni nezimiso zami nalezo zikaNkulun­kulu, ngaqala inhlangano engenzi nzuzo.

“UNkulunkul­u wayenezinh­lelo ezijulile zokufundis­a abanye abantu ngempilo yethu,” kusho yena.

 ??  ?? UNKK Pamella Nkwanyana enza umsebenzi wenhlangan­o yakhe engangenis­i nzuzo iPeople With Vision
UNKK Pamella Nkwanyana enza umsebenzi wenhlangan­o yakhe engangenis­i nzuzo iPeople With Vision
 ??  ?? PAMELLA NKWANYANA
PAMELLA NKWANYANA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa