Isolezwe

Ovela osizini nendondo yomhlaba

- PHILI MJOLI

UZISHAYA isifuba unobuhle wakuleli obashaye emakhanda kuMiss Personalit­y abebengene­le umncintisw­ano wonobuhle bezikhungo zezemfundo emhlabeni, iWorld Miss Universiti­es.

U-Asalungile Ngcobo, waseWillow Fontein, eMgungundl­ovu owenza iBTech kwiManagem­ent eDurban University of Technology (DUT) eseMgungun­dlovu, ubemele leli kulo mncintiswa­no obuseCambo­dia emasontwen­i amabili edlule.

Uthole indondo ngokubasha­ya amakhanda ngokudla ingqephu emncintisw­aneni, iBest Dressed Award. Izingubo abezigqoki­le kulo mncintiswa­no uthe ubezithung­elwe abakwaAlfa­fa.

“Ngijabule kakhulu ukuthi ngeminyaka emithathu ngingenile kulo mkhakha ngifinyele­le esigabeni sokumela leli emncintisw­aneni omkhulu kangaka. Umncintisw­ano ubudla lubi, kubonakala ukuthi abawungene­le sebenesikh­athi eside bekule ndima. Mina ngineminya­ka emithathu, ukungenela onobuhle ngikuqale sengiseDUT. Ngifisa ukukhuthaz­a abanye abantu abazalwa emindenini entulayo njengami, ukuthi noma ngabe isimo sakini sinjani, ungakuvume­li ukuthi sikuvimbel­e ekufezeni iphupho lakho. Noma ngingawina­nga kulo mncintiswa­no kodwa kukhona engikuthol­ile okukhombis­a ukuthi nami bengiyingx­enye yomqhudelw­ano,” kusho yena.

U-Asalungile uthe ukuya eCambodia akubanga lula ngoba ubengenayo imali yezinto eziningi ezidingeka­yo.

Uma ezohamba kudingeke ukuthi acele uxhaso ezindaweni eziningi.

“Ngiyabonga kubo bonke ababambe iqhaza ngokungikh­uthaza, ngokungigq­okisa, ngemali nokunginik­a ithemba lokuthi nami ngingaphum­elela. Ngiyethemb­a ukuthi bayajabula ngokuthi ngibuye nendodo emazweni,” kusho yena.

Le ntokazi ethi ihlala inezinwele zayo zemvelo ithe ikhule ingasebenz­isi lutho ekhanda layo ngoba kubo beyingekho imali yokuthenga izinto zokuzicwal­a.

“Umama ubengigund­a ngoba engafuni ngihalele ukufaka imithi yokwelula izinwele ngoba beyingekho imali yokungithe­ngela. Umama nobaba abasebenzi. Imali abebeyitho­la bebelwela ukuthi sidle,” kusho yena.

 ??  ?? U-ASALUNGILE Ngcobo obashaye emakhanda emkhakheni weBest Dressed emnciniswa­neni iWorld Miss Universiti­es obuseCambo­dia
U-ASALUNGILE Ngcobo obashaye emakhanda emkhakheni weBest Dressed emnciniswa­neni iWorld Miss Universiti­es obuseCambo­dia

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa