Isolezwe

Intokazi yaselokish­ini kuzime wamazwe

- BONGIWE ZUMA

IZOMELA ozime baKwaZuluN­atal emncintisw­aneni omkhulu wozime kuleli ngenyanga ezayo intokazi esencane yaKwaMashu. UThobekile Mngadi (17) ofunda eZaph Dhlomo High uqokwe waba ngomunye wozime abazobanga isicoco sikaMiss Teen Commonweal­th South Africa.

Lo mncintiswa­no uzoba seRoodepor­t Theatre eGoli, ngoFebhuwa­ri 16. UThobekile useqalile ukwenza amalungise­lelo angambeka emathubeni okuthatha lesi sicoco.

Unina kaThobekil­e, uNkk Yoliswa Mngadi uveze ukuthi ukungenela imincintis­wano yozime akuyona into ebigxile kakhulu kuyo indodakazi njengoba ibikhangis­ela abasiki bengqephu isikhathi esiningi.

Uthe ukungena kwendodaka­zi yakhe ngaphansi kwenkampan­i yozime, i-Extreme Management eseDurban North nakho kuyivulele amathuba.

“Sijabule kakhulu ngoba wenza into ayithanday­o futhi akhombisa ukuba nekhono layo. Sizimisele ngokumesek­a ngazo zonke izindlela. Noma kade eyingenela eminye imincintis­wano kodwa ubengajway­ele ukungena kweyozime. Ukuqokwa kwakhe kusikhombi­sile ukuthi angafinyel­ela kude nalo mkhakha uma eqhubeka nokuzimise­la,” kusho uNkk Mngadi.

UThobekile njengamanj­e umatasa nokwenza eminye yemisebenz­i ezokhombis­a igalelo lakhe kulo mncintiswa­no. Kuthiwa kumele kuqambe kushaya isikhathi somcimbi abe esekwazile ukuqoqa uR5 500 esikhwamen­i sakhe semali aphinde aqoqe izinto azonikela ngazo ekhaya labaswele.

“Useqalile ukuqoqa amaqakelo, izimpahla zokugqoka nokudla afisa ukunikelel­a ngakho ekhaya lezingane ezikhubaze­kile. Okwamanje unezindawo ezimbili aziqoqelay­o eseGreytow­n nasePhoeni­x,” kusho uNkk Mngadi.

Ngonyaka odlule le ntokazi yakwazi ukungena kwiTop 10 kaMiss South Africa Junior obuseGoli ngo-Ephreli.

UPearl useke wahlabana nangezitif­iketi ezahlukene kulo mkhakha okubalwa neDiploma yePhilanth­ropy.

 ??  ?? KUBHEKWE uThobekile Mngadi omele isifundazw­e iKwaZulu-Natal emncintisw­aneni wozime
KUBHEKWE uThobekile Mngadi omele isifundazw­e iKwaZulu-Natal emncintisw­aneni wozime
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa