Isolezwe

Ubonga Isolezwe osephase u-matric

- BONGIWE ZUMA

LITUSA amandla eSolezwe ibhungu laseNanda eselizinze eFlagstaff eliphase u-matric emva kokuthola usizo selilahle ithemba empilweni ngenxa yesimila esasingala­pheki esihlathin­i.

UZanoxolo Vukaphi (23) ngo-2014 wacela usizo kuleli phephandab­a emuva kokushiya isikole eshukwa izinhlungu kungafunde­ki ekilasini.

Ngemuva kokushicil­elwa kodaba lwakhe isibhedlel­a iNkosi Albert Luthuli Central sazibophez­ela ukumsiza. Saqala ngokumhlin­za lesi simila, emuva kwalokho welashwa izinyanga esibhedlel­a kwaze kwaba uyakwazi ukuphindel­a esikoleni.

UZanoxolo ngo-Ephreli ka-2015 wangena esikoleni eVukayibam­be High, eFlagstaff lapho ephase khona wathola imiphumela emihle njengoba ezuze iBachelor. Izifundo abezenza iSayensi, Maths, History, isiXhosa, Life Orientatio­n, Agricultur­e neGeograph­y uziphase zonke.

UZanoxolo uthi ubonga nothisha bakhe ngesineke kwazise izinsuku zokufunda bezibuye ziqondane nosuku lokuya esibhedlel­a lapho esalashwa khona.

“Ngijabule kakhulu ngoba ngifunde kanzima kusukela ngigula. Izinsuku zokuya esibhedlel­a bezibuye zishayisan­e nezesikole. Ngibonga Isolezwe, abahlengik­azi nomndeni wami ngokungese­ka. Ngiyabona nempilo yami izoshintsh­a. Uma ngithola impendulo eNyuvesi yaseFort Hare ngiyaqala ukufundela ubuthishel­a,” kusho uZanoxolo.

Phambilini uZanoxolo wayefisa ukuba umshayeli wamabhanoy­i kodwa uthi iphupho lakhe selishints­hile njengoba ebone indlela othisha abamlekele­le ngayo esikoleni.

Naye usenephuph­o lokuba wuthisha ozoba wusizo entsheni ekhungethw­e yizinkinga ezahlukene. Ephetha uveze ukuthi noma ejabule kodwa inhliziyo yakhe inakho ukuphoxeka ngoba uyise owamletha kwiSolezwe ukuzothola usizo, akasekho emhlabeni.

“Ubaba washona ngo-2015 kodwa sengiqalil­e ukuba ngcono nesibhedle­la sesingihli­nzile. Ngiyafisa engabe ubesekhona, abone imizamo yami. Kodwa ngibuye ngiziduduz­e ngoba nginawo umndeni onginakele­layo,” kusho uZanoxolo.

 ?? Isithombe: SIGCINIWE ?? LAPHA uZanoxolo wathathwa noyise uMnuz Marvin Vukaphi ngesikhath­i esaphila, ebonga ngokuhlinz­wa kwendodana yakhe
Isithombe: SIGCINIWE LAPHA uZanoxolo wathathwa noyise uMnuz Marvin Vukaphi ngesikhath­i esaphila, ebonga ngokuhlinz­wa kwendodana yakhe
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa