Isolezwe

Beza nekhambi lebhizinis­i

- BONISWA MOHALE

BAZIMISELE ngokuwuqed­a nya umkhuba wamabhizin­isi amancane awa kungakaphe­li iminyaka emithathu esunguliwe osomabhizi­nisi abancane baKwaZulu-Natal.

Labo somabhizin­isi benkampani iDolsden Oracle ezinze eNyuvesi yaKwaZuluN­atal ophikweni oluseWestv­ille, isungulwe ngabafundi akade benza izifundo zomnotho kulesi sikhungo ngenhloso yokuhlomis­a osomabhizi­nisi abancane ngamakhono azobasiza ukukhulisa izinkampan­i zabo.

Abanikazi beDolsden Oracle ngoMnuz Doctor Sangweni, Sakhile Dlamini, Luyanda Ngundze, Lloyd Ngundze noNksz Fezile Sikhakhane.

Ngokusho kukaDlamin­i, iDolsden Oracle, ivulwe ngokusemth­ethweni ngoOkthoba wonyaka odlule kanti isiza osomabhizi­nisi abancane ngezinhlel­o zokuthuthu­kisa izinkampan­i zabo.

“Sineziqu zomkhakha wamabhizin­isi ngoba sifuna ukuthuthuk­isa umnotho wezwe, siqede umkhuba wezinkampa­ni ezivalwayo kungakaphe­li iminyaka emithathu zivuliwe ngoba ucwaningo luveza ukuthi u-90% wezinkampa­ni ezincane ezisungulw­ayo ziyawa,” kusho uDlamini.

UDlamini omatasa nezifundo zeMasters kwiSmall Business Developmen­t, uthe bahlukile ezinkampan­ini ezithuthuk­isa osomabhizi­nisi abancane ngoba benza ucwaningo olunzulu uma bezolekele­la oqala inkampani.

UMnuz Lloyd Ngundze uneziqu zeBCom Economics kanti umatasa nezeMaster­s kwiBusines­s Management.

UMnuz Luyanda Ngundze umatasa neMasters kwiEconomi­cs, uNksz Sikhakhane umatasa ngeMasters kwiCommerc­e bese kuthi uSangweni abe matasa nePHD kwi-Economics.

UNgundze (Luyanda) ubalule ukuthi osomabhizi­nisi abancane banenkinga yokuthola uxhaso, babe nengqinamb­a yokuphatha imali bese kuba eyokwenza inzuzo.

“Siyacwanin­ga kakhulu ngaphambi kokuthi siphasise icebo likasomabh­izinisi ngoba asifuni akopele ibhizinisi lomunye bese ezitshela ukuthi naye uzophumele­la kodwa sigqugquze­la ukuthi umuntu nomuntu agxile emkhakheni ohlukile,” kusho uNgundze.

Uthe ophikweni lwabo locwaningo basebenzis­ana nezinkampa­ni ezinkulu, iminyango kahulumeni kanjalo nosomabhiz­inisi abancane.

Uthe badinga uhulumeni asondele kubona ngoba banamasu azothuthuk­isa izinhlelo zakhe zokuthuthu­kisa umnotho.

UNksz Sikhakhane uveze ukuthi okunye okwenza abantu basabe ukuqala amabhizini­si wukuthi izincwadi ezibachaze­la ngemitheth­o yebhizinis­i zibhalwe ngesiNgisi kanti lokhu kwenza kube nzima ukuthola izinsiza.

“Sifuna ukubhala izincwadi ezinolwazi oluzosiza osomabhizi­nisi abancane ngesiZulu nangezinye izilimi zaseNingiz­imu Afrika.

“Sifuna incwadi esiyibhala­yo ikwazi ukufundwa nangumuntu ongenawo u-matric noma iziqu. Ukuqala ibhizinisi akudingi iziqu zemfundo ephakeme kodwa kudinga umbono osebenzayo namakhono,” kusho uNksz Sikhakhane.

Uthe izincwadi bazozikhip­ha uma sebethole uxhaso kuhulumeni ozozitheng­a bese umphakathi uzithola mahhala.

UMnuz Lloyd Ngundze ugqugquzel­e intsha ukuthi ingasabi ukuqala amabhizini­si ngoba imisebenzi ayikho. Amazwi akhe enanelwe nguNksz Sikhakhane odonse ngendlebe abasanda kuphothula u-matric ukuthi bangakheth­i izifundo zokucela umsebenzi enyuvesi kodwa benze lezo ezizobasiz­a ukusungula izinkampan­i zabo.

“Intsha kufanele isungule amabhizini­si, ingasabi ukufuna ulwazi ngolimi lwayo lwebele ngoba iningi labantu abaphumele­layo emhlabeni jikelele abasikhulu­mi isiNgisi, bazikhulum­ela izilimi zabo,” kusho uNksz Sikhakhane. I-Dolsden Oracle inekhasi kwiFaceboo­k lapho intsha nabadinga usizo lwezamabhi­zinisi bengasizak­ala khona.

 ?? Isithombe: ZANELE ZULU ?? BAGQUGQUZE­LE intsha ukuthi ingene kwezamabhi­zinisi oDoctor Sangweni, Sakhile Dlamini, Luyanda Ngundze, Fezile Sikhakhane noLloyd Ngundze
Isithombe: ZANELE ZULU BAGQUGQUZE­LE intsha ukuthi ingene kwezamabhi­zinisi oDoctor Sangweni, Sakhile Dlamini, Luyanda Ngundze, Fezile Sikhakhane noLloyd Ngundze

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa