Isolezwe

Umnyango uphika ukuqedwa komazisi

- INTATHELI YESOLEZWE

UMQONDISI eMnyangwen­i wezaseKhay­a, uMnuz Mkuseli Apleni useqinisek­ise abantu bakuleli ukuthi umazisi oluhlaza usasebenza futhi ngeke uphelelwe yisikhathi.

Ekhuluma nezintathe­li eCenturion izolo, uyichithil­e imibiko ethi lo mazisi uzoqedwa ngoMashi 31, nonyaka.

“Sinxusa umphakathi ukuthi ungazinaki izinto ezishiwoyo ngomazisi oluhlaza. Ukutatazel­a kuphazamis­a izinhlelo zethu okwenza kube nzima ukuthi sisize umphakathi ngendlela,” kusho u-Apleni.

Uthe amanye amahhovisi alo mnyango awakwazi ukuhlangab­ezana nomthamo wabasuke befuna omazisi.

“Amanye amahhovisi KwaZuluNat­al ayahluleka ukubhekana nomthamo wabantu abafuna omazisi. Le miyalezo ifaka ingcindezi emahhovisi ethu njengoba abantu betatazela beya emahhovisi beyokwenza omazisi abamakhadi,” kusho u-Apleni.

Uthe amahhovisi abo awakwazi ukumelana nomthamo wabantu abasuke befaka izicelo zokwenza omazisi abamakhadi.

Lo mnyango waqala uhlelo lomazisi bamakhadi ngoJulayi 2013. Ngalo nyaka babebalelw­a ku-38 million abantu ababenomaz­isi abaluhlaza.

“Kwezinye izindawo kwenziwa omazisi abangu-83 ngosuku. Kuthatha imizuzu engu-17 ukwenza lo mazisi.”

Phakathi kuka-2013 no-2017 bangu-7 million omazisi bamakhadi asebenziwe kuleli.

U-Apleni uthe kuyaqhubek­a ukuxoxisan­a namabhange ukuze kwandiswe izindawo okwenziwa kuzo labo mazisi abasha.

Amabhange okuxoxwa nawo i-Absa, FNB, Nedbank neStandard Bank.

U-Apleni uthe ngeke bakwazi ukubeka umnqamulaj­uqu wokuthi bazoqedwa nini omazisizi abaluhlaza ngoba kudingeka ukuthi wonke amahhovisi akwazi ukwenza omazisi bamakhadi.

“Alukho usuku olubekiwe lokuthi ngosuku oluthile bazobe bengasaseb­enzi omazisi abaluhlaza.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa