Umnyango uphika ukuqedwa komazisi
UMQONDISI eMnyangweni wezaseKhaya, uMnuz Mkuseli Apleni useqinisekise abantu bakuleli ukuthi umazisi oluhlaza usasebenza futhi ngeke uphelelwe yisikhathi.
Ekhuluma nezintatheli eCenturion izolo, uyichithile imibiko ethi lo mazisi uzoqedwa ngoMashi 31, nonyaka.
“Sinxusa umphakathi ukuthi ungazinaki izinto ezishiwoyo ngomazisi oluhlaza. Ukutatazela kuphazamisa izinhlelo zethu okwenza kube nzima ukuthi sisize umphakathi ngendlela,” kusho u-Apleni.
Uthe amanye amahhovisi alo mnyango awakwazi ukuhlangabezana nomthamo wabasuke befuna omazisi.
“Amanye amahhovisi KwaZuluNatal ayahluleka ukubhekana nomthamo wabantu abafuna omazisi. Le miyalezo ifaka ingcindezi emahhovisi ethu njengoba abantu betatazela beya emahhovisi beyokwenza omazisi abamakhadi,” kusho u-Apleni.
Uthe amahhovisi abo awakwazi ukumelana nomthamo wabantu abasuke befaka izicelo zokwenza omazisi abamakhadi.
Lo mnyango waqala uhlelo lomazisi bamakhadi ngoJulayi 2013. Ngalo nyaka babebalelwa ku-38 million abantu ababenomazisi abaluhlaza.
“Kwezinye izindawo kwenziwa omazisi abangu-83 ngosuku. Kuthatha imizuzu engu-17 ukwenza lo mazisi.”
Phakathi kuka-2013 no-2017 bangu-7 million omazisi bamakhadi asebenziwe kuleli.
U-Apleni uthe kuyaqhubeka ukuxoxisana namabhange ukuze kwandiswe izindawo okwenziwa kuzo labo mazisi abasha.
Amabhange okuxoxwa nawo i-Absa, FNB, Nedbank neStandard Bank.
U-Apleni uthe ngeke bakwazi ukubeka umnqamulajuqu wokuthi bazoqedwa nini omazisizi abaluhlaza ngoba kudingeka ukuthi wonke amahhovisi akwazi ukwenza omazisi bamakhadi.
“Alukho usuku olubekiwe lokuthi ngosuku oluthile bazobe bengasasebenzi omazisi abaluhlaza.”