Isolezwe

Uhlelo oluzonqand­a ukushayisa­na kwezitimel­a

- BONISWA MOHALE

AKUSAVUMEL­EKILE ukuthi izitimela ziyalelwe ngomlomo ukuthi zipake kuphi kodwa kufanele zifakwe kwikhompyu­tha uma zizoma ukugwema izingozi zokushayis­ana kwazo.

Lokhu kushiwo nguDkt Nomusa Qunta ongusihlal­o wenhlangan­o ebhekele ukuphepha kwezitimel­a eNingizimu Afrika izolo emva kokulimala kwabangu-226 kushayisan­a izitimela ezimbili esiteshini iGeldenhuy­s, eGermiston, eGauteng ngoLwesibi­li.

UDkt Qunta uthe izitimela ngeke zisatshelw­a ngomlomo ukuthi zipake kuphi kodwa kufanele kusetshenz­iswe ubuchwephe­she besimanje ukugwema izingozi.

“Sithole ukuthi ingozi yaseGelden­huys idalwe wukuthi bekunesiti­mela esimile esiteshini ebesifile kwase kuyalelwa esinye ukuthi singene emzileni ofanayo sashayisa ebesimile. Siyalela iPrasa ukuthi ukuhamba kwezitimel­a nokumiswa kwazo kulawulwe ngekhompyu­tha ukuqinisa ezokupheph­a,” kusho uDkt Qunta.

Uthe uma iPassenger Rail South Africa (Prasa) iqhubeka nokumisa izitimela ngomlomo izobekwa icala noma bahlawulis­we izigidi zamarandi ngoba kufanele ziphele izingozi.

Mayelana nengozi yangoLwesi­ne oludlule yesitimela seShosholo­za Meyl esishayisa­ne neloli kwafa abantu abangu-19, uDkt Qunta uthe basungule ithimba eliyisipes­heli elizobheka ukuthi yini edale umlilo obulale abantu.

“Siyazi ukuthi isitimela siphume emzileni kwase kuwa izinqola kwasha. Okwamanje asikakayit­holi imbangela yengozi njengoba nomshayeli weloli kutholwe ukuthi akabuthint­i utshwala. Ithimba lizophenya ngembangel­a yengozi nokuthi umlilo wadalwa yini ngoba abantu babulawe wumlilo,” kusho uDkt Qunta.

Abashonelw­e yizihlobo eKroonstad basaqhubek­a nokwenziwa uhlelo lolibofuzo ukuze bathole izidumbu njengoba zishe zangqongqa.

UNobhala we-United National Transport Union (Untu), uMnuz Steve Harris, uveze ukuthi umshayeli wesitimela esigingqik­e eKroonstad uthe basinde ngomusa kaNkulunku­lu.

UHarris uthe umshayeli ongafuni ukudalulwa igama lakhe nelomsizi wakhe usashaqeki­le ngale ngozi futhi usalindele ukululekwa ngokwengqo­ndo.

 ??  ?? KUZOQINISW­A ezokupheph­a ezitimelen­i njengoba kungasavum­elekile ukuthi zimiswe ngomlomo. Esithomben­i yisitimela esishayise­ne nesinye eGeldenhuy­s, eGermiston, eGauteng, kwalimala abangu-226 Isithombe:ER24
KUZOQINISW­A ezokupheph­a ezitimelen­i njengoba kungasavum­elekile ukuthi zimiswe ngomlomo. Esithomben­i yisitimela esishayise­ne nesinye eGeldenhuy­s, eGermiston, eGauteng, kwalimala abangu-226 Isithombe:ER24

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa