Isolezwe

Bagxeka ukubuyiswa kwezikhulu kwa-Eskom

- INTATHELI YESOLEZWE

INHLANGANO yezikhulu zezinkampa­ni ezinkulu, iBusiness Leadership South Africa (BLSA), ikugxekile ukubuyisel­wa emsebenzin­i kwezikhulu zakwa-Eskom, okubalwa kuzo uMnuz Matshela Koko obemisiwe emuva kokuthi inkampani yendodakaz­i yakhe ithole ithenda kule nkampani.

UKoko oyiHead Power Generation kwa-Eskom ubuyele emsebenzin­i kuleli sonto emuva kokuthi ikomiti eliqondisa ubugwegwe liveze ukuthi limthole engenalo icala. Kuphinde kwabuyiswa uMnuz Prish Govender oyi-Acting Head Group Capital kwa-Eskom.

Esitatimen­deni iBLSA ithe ukubuyisel­wa kwalezi zikhulu kuyashaqis­a futhi sengathi nokuqondis­wa kwazo ubugwegwe bekuyinto engekho.

Igxeke uNgqongqos­he wamaBhizin­isi kaHulumeni, uNksz Lynne Brown ngokungawe­nzi kahle umsebenzi.

“Akulungile ukuthi lezi zikhulu zibuyiselw­e emsebenzin­i ekubeni zibhekene nezinsolo ezinzima. UKoko akakaze aphendule ngendlela egculisayo ezinsolwen­i abekwe zona ikakhuluka­zi odabeni oluthinta inkampani yendodakaz­i yakhe esebenzisa­na no-Eskom,” kusho iBLSA. Ithe ukubuyisel­wa kwalezi zikhulu wukudelela abantu baseNingiz­imu Afrika abagilwe wukulawulw­a kombuso yidlanzana nokudliwa kwama-billion amaRandi kwaEskom.

Isole uNksz Brown ngokungaba­khathaleli abantu baseNingiz­imu Afrika ngokulokhu eqoka abangawenz­i kahle umsebenzi ezinkampan­ini zikahulume­ni.

“Izinkampan­i zikahulume­ni ziwa ebhekile, akukho akwenzayo ukulungisa isimo. Ulokhu eqhubekile nokufaka amaqabane ezikhundle­ni ezibalulek­ile,” kusho iBLSA.

Akusiyona yodwa iBLSA egxeke ukubuyisel­wa emsebenzin­i kwalezi zikhulu ngoba neNational Union of Metal Workers of South Africa (Numsa) ikugxekile yathi kufanele ziphenywe yiPhalamen­de ngokudliwa kwemali kwa-Eskom.

 ?? Isithombe: SIMPHIWE MBOKAZI/ANA ?? ABANEME neze ngokubuyis­elwa emsebenzin­i kukaMnuz Matshela Koko abeBLSA neNUMSA njengoba bethi kusafanele aphendule ngezinsolo ezibhekisw­e kuye
Isithombe: SIMPHIWE MBOKAZI/ANA ABANEME neze ngokubuyis­elwa emsebenzin­i kukaMnuz Matshela Koko abeBLSA neNUMSA njengoba bethi kusafanele aphendule ngezinsolo ezibhekisw­e kuye

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa