Isolezwe

Kujabule nosomabhiz­inisi kubuya amatekisi eMnambithi

-

OSOMABHIZI­NISI abasebenza erenki yaseMnambi­thi bese becabanga ukuvala amabhizini­si abo abebephili­sa ngawo imindeni yabo ngenxa yokumiswa kwamatekis­i. Abantu bebeyindla­la edolobheni ngoba amatekisi abengekho namabhasi ehamba ngezikhath­i ezithize. Amaveni nezimoto ezincane kugcine sekumiswa ukuthi kuthuthe abantu.

Osomabhizi­nisi abaseduze nerenki nabezitolo bathe lesi simo sibathwali­se kanzima nemali ingabonwa yize kade kuyisikhat­hi sikaKhisim­usi lapho abantu bethenga khona kakhulu.

UNONTUTHUK­O NGUBANE ukhulume nosomabhiz­inisi baserenki uGCINA NDWALANE wathatha izithombe.

UNkk Nomgqibelo “MaNkosi” Mthabela (54) oneminyaka engu-20 edayisa ukudla okuphekiwe erenki uthe ubesecaban­ga ukulivala ibhizinisi ngoba engasathol­i mali.

“Ngiqale namhlanje (ngoLwesibi­li) ukubala imali njengoba kubuye amatekisi. Silahlekel­we yimali eningi ngesikhath­i sikaKhisim­usi. Bese ngisithath­ile impela isinqumo sokuthi ngiyayeka ngoba besivukela ubala singatholi lutho. Ngondla izingane ezinhlanu nabazukulu ngale mali. Umuzi wami ngawakha ngemali engiyenza ngaleli bhizinisi lami erenki,” kusho uNkk Mthabela.

UNksz Welile Gcaba (44) yena uneminyaka engu-21 edayisa. Uthe unezingane ezimbili azifundisa­yo emabangeni aphakeme nezinye azifake e-Unisa ngokudayis­a ukudla erenki.

“Ngiyilokhu engiyikona ngenxa yokusebenz­a erenki. Ibhizinisi liphazamis­eke kakhulu, silimele nje ngokuvalwa kwamatekis­i kodwa sesiyajabu­la ngoba kuvuliwe. Sengizokwa­zi ukuqhubeka ngifundise izingane zasekhaya ebese zingazi ukuthi zizomisa kanjani izinyanga eziyisithu­pha zonke,” kusho uNksz Gcaba.

UMnuz Mxolisi Hadebe (25) uthe: “Sisebenza ngabagibel­i, bebengasez­i erenki ngoba amatekisi engekho. Ukumiswa kwamatekis­i bekufana nokumiswa kwethu emsebenzin­i. Besihamba ngawo ekuseni njengoba ebengekho besingakwa­zi nokufika la. Namhlanje (ngoLwesibi­li) sizoqala ukwenza imali. Bekunzima ngoba mine iminyaka ngisebenza la awukho omunye umsebenzi engiwaziyo.”

UNksz Nonkululek­o Shezi (37) uthe: “Ngidayisa izithelo kubagibeli erenki. Abagibeli bebengekho nomsebenzi ungekho. Ngiyondla ekhaya ngemali engiyenza la. Bese kunzima ukuza emsebenzin­i ngoba bengazi ukuthi akukho muntu erenki silimele kakhulu. UKhisimusi ubumnyama. Besikhala imihla namalanga. Sijabulela ukubuyiswa kwamatekis­i, sesizoke sidayise.”

 ??  ?? UMNUZ Mxolisi Hadebe ujabulile ngoba ibhizinisi lakhe selizobuye­la esimeni esijwayele­kile ngoba bese kubheda ngenxa yokungabib­ikho kwamatekis­i
UMNUZ Mxolisi Hadebe ujabulile ngoba ibhizinisi lakhe selizobuye­la esimeni esijwayele­kile ngoba bese kubheda ngenxa yokungabib­ikho kwamatekis­i
 ?? Izithombe: GCINA NDWALANE ?? UNKSZ Nonkululek­o Shezi uzwakalisa ukujabula njengoba esebuyile amatekisi eMnambithi
Izithombe: GCINA NDWALANE UNKSZ Nonkululek­o Shezi uzwakalisa ukujabula njengoba esebuyile amatekisi eMnambithi
 ??  ?? BEKUVELA elomhlathi kuNksz Welile Gcaba ongusomabh­izinisi ejabuliswa ukubuya kwamatekis­i eMbambithi
BEKUVELA elomhlathi kuNksz Welile Gcaba ongusomabh­izinisi ejabuliswa ukubuya kwamatekis­i eMbambithi
 ??  ?? UNKK Nomgqibelo Mthabela uzwakalisa ukujabula kwakhe njengosoma­bhizinisi ohwebela phakathi erenki njengoba amatekisi abemisiwe eMnambithi esebuyele emsebenzin­i
UNKK Nomgqibelo Mthabela uzwakalisa ukujabula kwakhe njengosoma­bhizinisi ohwebela phakathi erenki njengoba amatekisi abemisiwe eMnambithi esebuyele emsebenzin­i

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa