Isolezwe

Kuyalwe osomabhizi­nisi ngezimvume zokusebenz­a

- INTATHELI YESOLEZWE

KUDONSWE ngendlebe osomabhizi­nisi baseThekwi­ni ukuthi bavuselele izimvume zokusebenz­a ezitholaka­la kuMasipala weTheku kungakafik­i uJanuwari 31 nonyaka ngoba uma bengakwenz­i lokhu zizovalwa izinkampan­i zabo.

Esitatimen­deni esithunyel­elwe abezindaba, iPhini leNhloko yezokuxhum­ana kuMasipala weTheku uMnuz Mandla Nsele likhumbuze osomabhizi­nisi ukuthi izimvume zokusebenz­a zivuselelw­a emahhovisi eBusiness Licensing asezindawe­ni ezihlukene.

UNkk Qondi Liqwa oyimenenja kulolu phiko kuMasipala weTheku uthe amabhizini­si asebenzayo bayawahlol­a ukuthi anezimvume ezisemthet­hweni belandela umthetho oyisigaba 15(1) wokulawulw­a kwamabhizi­nisi. Ngaphansi kwalo mthetho uthe usomabhizi­nisi kufanele njalo ngonyaka aveze ubufakazi bokuthi ibhizinisi lakhe lisasebenz­a.

“Kwesinye isikhathi uthola ukuthi osomabhizi­nisi sebengene komunye umkhakha kodwa basebenzis­a ilayisensi yebhizinis­i elidala. Uma unendawo yokudlela awukwazi ukuyiphend­ula indawo yokujuxuza ngoba indawo yokujuxuza inemitheth­o ehlukile yokusebenz­a,” kusho uNkk Liqwa.

Uthe uma ushintsha ibhizinisi kufanele ufake isicelo esisha. Abayovusel­ela amalayisen­si kufanele baphathe imvume endala, umazisi, izincwadi zenkampani, incwadi evela emaphoyise­ni nenye ebizwa nge-proxy.

Eminye imininingw­ane ngezikhung­o ezikhipha amalayisen­si osomabhizi­nisi itholakala kulezi zinombolo: enkabeni yeTheku 031 311 4535, eNyakatho 031 322 1803, eNingizimu yeTheku 031 311 5870 bese kuthi eNtshonala­nga yeTheku 031 3116209.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa