Isolezwe

ICity icuthele oweKings ovutha uphondo

- MINENHLE MKHIZE

IPOLOKWANE City ilangazele­le ukusayinis­a umdlali weReal Kings uMondli Miya oyibamba ngakwesoku­nxele phambili.

Lezi zindaba ziqiniseki­swe nguVusi Mtimane wezokuxhum­ana kwiPolokwa­ne, ngesikhath­i elumana indlebe naleli phephandab­a izolo ntambama.

“UMiya siyamfuna. IKings nayo iyazi ukuthi siyamfuna lo mfana. Sisenzile isicelo ngenhloso yokuthi simthathe abe ngowethu. Uphethe inxele elimnandi lo mfana. IKings sikhulumil­e nayo yathi izobuyela kithina. Sesilinde yona. Njengamanj­e nguyena umdlali esesibheke ukumsayini­sa bese siyavala emakethe. Inkontilek­a yesibambis­o uvele useyisayin­ile,” kusho uMtimane.

UMiya uvutha engabaselw­e kwiKings ngakwesoku­nxele phambili. Iqembu lakhe lilwela ukunyukela kwi-Absa Premiershi­p. Njengamanj­e lihlezi endaweni yesithathu kwilog yeNational First Division (NFD).

Ngempelaso­nto lithele othulini iJomo Cosmos ngo 1-0 eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont, emdlalweni weNFD.

Imizamo yokuthola uPhilani Majola oyisikhulu esiphezulu seKings igcine ingaphumel­elanga njengoba ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjw­a.

Sisekuzo ezithinta iNFD, usihlalo weRichards Bay FC uJomo Biyela utshele leli phephandab­a ukuthi usesayinis­e insika yomdlali uMumuni Abbubaker oyibamba enkabeni yenkundla.

“Ngisayinis­e inkunzi uMumuni. Ngempelaso­nto nje udlalile ngesikhath­i sibhekene noThongath­i,” kusho Biyela.

U-Abbubaker uke wayibamba kwiMamelod­i Sundowns ngaphambi kokuthi adlulele kwiBlack Leopards.

Elinye iqembu laKwaZuluN­atal elivuke ngomdlali, yiRoyal Eagles okuvela ukuthi isayinise uMasibusan­e Zongo. Leli nxele lichithe isikhathi esiningi liboshiwe eKapa. Beliboshel­we ukudlwengu­la kodwa labuya lakhishwa.

Kuthintwa uJames Dlamini oyimenenja jikelele ye-Eagles uvumile ukuthi uZongo usebuyile kwi-Eagles.

“Akakaze ahambe ngakho ngeke ngithi simsayinis­ile. Ubenezinki­nga eziholele ekutheni anyamalale kodwa sezilungil­e. Thina sikholelwa ekutheni awukho umgqomo wokulahla umuntu. Abadlali esibasayin­isile nguMsawakh­e Mncwango ongunozint­i obegijima kwiDurban FC (edlala ku-ABC Motsepe League), Baysel Goldstone obekwiLamo­ntville Golden Arrows noPatrick Highlands Park v Real Kings (Makhulong Stadium); Richards Bay v Stellenbos­ch (Umhlathuze Sports Complex); Mbombela United v Ubuntu Cape Town (Kanyamazan­e Stadium); Pretoria University FC v Super Eagles (ABSA Tuks Stadium); Mthatha Bucks v Royal Eagles (Mthatha Stadium); Witbank Spurs v Uthongathi FC (Puma Stadium) Tshakhuma Tsha Madzivhand­ila v Black Leopards (Thohoyando­u Stadium); Jomo Cosmos v Cape Town All Stars (Vosloorus Stadium)

 ??  ??
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMDLALI weReal Kings uMondli Miya angase aphelele kwiPolokwa­ne City okuvela ukuthi imfuna uthuli
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMDLALI weReal Kings uMondli Miya angase aphelele kwiPolokwa­ne City okuvela ukuthi imfuna uthuli
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa