UMosimane uvivela eyeCAF
NJENGOBA kuqhubeka imidlalo ye-Absa Premiership, umqondo womqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, usucabanga ngemidlalo yeCAF Champions League ababuyela kuyona kulo nyaka.
ISundowns inqobe isicoco seChampions League ngo2016 kanti nyakenye ikhishwe yiqembu laseMorocco, iWydad Casablanca kuma-quarterfinal.
Izoqala ukuyibamba kulo mqhudelwano ngoMashi emzuliswaneni wokuqala wokuhlungela amaqoqo.
UMosimane uveze indaba yokuzicijela iChampions League ngesikhathi ekhuluma ngomdlalo weligi wezakhe ne-Ajax Cape Town eCape Town Stadium ngoLwesibili ebusuku.
I-Downs ebize kulo mdlalo ngemuva kokwehlulwa kwemibili edlule, igcine inqobe ngo 2-1 ngamagoli kaRicardo Nascimento (iphenathi) nelikaSibusiso Vilakazi. Ele-Ajax lishaywe uFagrie Lakay.
“Esikwenzayo manje wukulungisilela iChampions League sibe sizama ukunqoba iligi,” kusho uMosimane.
Ephawula kwithelevishini ngemuva komdlalo ugcizelele eyokwenza kahle kulo mqhudelwano ongomkhulukazi wamaqembu akumaligi aseAfrika.
“Sizoletha cishe abanye abadlali abathathu kanti nathi kungenzeka silahlekelwe abathathu noma abane. ISundowns ayinabo abadlali abaningi, sinabangu-24 abadlala phakathi nonozinti abane. UThela (Ngobeni) ufuna ukuyodlala kwenye indawo kodwa siyasilawula leso simo,” kusho uMosimane.
Selokhu kuvulwe iwindi likaJanuwari, iSundowns isasayinise u-Aubrey Ngoma osalimele.
Ngesikhathi ekhuluma ngemuva komdlalo wePolokwane City ngempelasonto, uMosimane uzwakale engakujahile ukuthi lo mdlali abuye. Ugcizelele ukuthi umlandele ukuthi azoba wusizo emidlalweni yeChampions League.
Abanye abadlali abamataniswa neDowns, abagadli uPrince Nxumalo noJeremy Brockie kanti nangaphandle bayabheka. Kwabangase bahambe kubalwa noKhama Billiat obeyisethenjwa kumasizini edlule.
Kwiligi iSundowns izihola phambili ngamaphuzu angu31. Ingene emqhudelwaneni iChampions League yalo nyaka ngemuva ngokuqeda endaweni yesibili ngesizini edlule ilandela iBidvest Wits engompetha.
Ngempelasonto uMosimane nezakhe bazokwamukela kweZimnyama awapheli. Imenenja yakhe itshele leli phephandaba ukuthi ayikho indaba yePirates noMkhwanazi. “UMkhwanazi uyahlala kwiBidvest Wits. Empeleni iqembu lihlela ukumnika inkontileka entsha. Indaba yePirates yinzwabethi, angiyazi ukuthi iqhamuka kuphi ngoba ayikaze ixhumane nami noma neWits. UMkhwanazi useneme kwiWits futhi usazoqhubeka nokudlala khona,” kusho uMitchell. UMkhwanazi uke walimala okuphoqe ukuthi angayiqali isizini. Njengamanje useluleme futhi udlala njalo. Ngesizini edlule usize iWits yakhala yemuka nesicoco se-Absa Premiership neseNedbank Cup. Kule sizini iWits idonsa kanzima futhi ukungayiqali kwakhe isizini benoThulani Hlatshwayo, naye oke wahlala isikhathi eside engadlali ngenxa yokulimala, kube nomthelela ekutheni iqembu lidedele amagoli emuva. IWits isanda kuqinisa iqembu layo ngoEdwin Gyimah oyibamba phakathi nenkundla emuva noma enkabeni yenkundla. I-Pirates emataniswa noMkhwanazi kubhekwe ukuthi i-Orlando Pirates kowe-Absa Premiership ngoMgqibelo eLoftus Versfeld ngo-3.30 ntambama.
UMosimane akazange akufihle ukuthi ezinye izinguquko azenzile kwi-Ajax ubesehlelela nomdlalo wePirates.
Umzuliswano wokuqala iSundowns yawunqoba ngo 3-1 ekuhambeni.
Lo mqeqeshi uthe osekumqoka akusikhona ukudlala ibhola elihle kodwa wukulwela ukuthola imiphumela emihle.