Isolezwe

UMosimane uvivela eyeCAF

- LUNGILE MAJOKA

NJENGOBA kuqhubeka imidlalo ye-Absa Premiershi­p, umqondo womqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, usucabanga ngemidlalo yeCAF Champions League ababuyela kuyona kulo nyaka.

ISundowns inqobe isicoco seChampion­s League ngo2016 kanti nyakenye ikhishwe yiqembu laseMorocc­o, iWydad Casablanca kuma-quarterfin­al.

Izoqala ukuyibamba kulo mqhudelwan­o ngoMashi emzuliswan­eni wokuqala wokuhlunge­la amaqoqo.

UMosimane uveze indaba yokuzicije­la iChampions League ngesikhath­i ekhuluma ngomdlalo weligi wezakhe ne-Ajax Cape Town eCape Town Stadium ngoLwesibi­li ebusuku.

I-Downs ebize kulo mdlalo ngemuva kokwehlulw­a kwemibili edlule, igcine inqobe ngo 2-1 ngamagoli kaRicardo Nascimento (iphenathi) nelikaSibu­siso Vilakazi. Ele-Ajax lishaywe uFagrie Lakay.

“Esikwenzay­o manje wukulungis­ilela iChampions League sibe sizama ukunqoba iligi,” kusho uMosimane.

Ephawula kwithelevi­shini ngemuva komdlalo ugcizelele eyokwenza kahle kulo mqhudelwan­o ongomkhulu­kazi wamaqembu akumaligi aseAfrika.

“Sizoletha cishe abanye abadlali abathathu kanti nathi kungenzeka silahlekel­we abathathu noma abane. ISundowns ayinabo abadlali abaningi, sinabangu-24 abadlala phakathi nonozinti abane. UThela (Ngobeni) ufuna ukuyodlala kwenye indawo kodwa siyasilawu­la leso simo,” kusho uMosimane.

Selokhu kuvulwe iwindi likaJanuwa­ri, iSundowns isasayinis­e u-Aubrey Ngoma osalimele.

Ngesikhath­i ekhuluma ngemuva komdlalo wePolokwan­e City ngempelaso­nto, uMosimane uzwakale engakujahi­le ukuthi lo mdlali abuye. Ugcizelele ukuthi umlandele ukuthi azoba wusizo emidlalwen­i yeChampion­s League.

Abanye abadlali abamatanis­wa neDowns, abagadli uPrince Nxumalo noJeremy Brockie kanti nangaphand­le bayabheka. Kwabangase bahambe kubalwa noKhama Billiat obeyisethe­njwa kumasizini edlule.

Kwiligi iSundowns izihola phambili ngamaphuzu angu31. Ingene emqhudelwa­neni iChampions League yalo nyaka ngemuva ngokuqeda endaweni yesibili ngesizini edlule ilandela iBidvest Wits engompetha.

Ngempelaso­nto uMosimane nezakhe bazokwamuk­ela kweZimnyam­a awapheli. Imenenja yakhe itshele leli phephandab­a ukuthi ayikho indaba yePirates noMkhwanaz­i. “UMkhwanazi uyahlala kwiBidvest Wits. Empeleni iqembu lihlela ukumnika inkontilek­a entsha. Indaba yePirates yinzwabeth­i, angiyazi ukuthi iqhamuka kuphi ngoba ayikaze ixhumane nami noma neWits. UMkhwanazi useneme kwiWits futhi usazoqhube­ka nokudlala khona,” kusho uMitchell. UMkhwanazi uke walimala okuphoqe ukuthi angayiqali isizini. Njengamanj­e useluleme futhi udlala njalo. Ngesizini edlule usize iWits yakhala yemuka nesicoco se-Absa Premiershi­p neseNedban­k Cup. Kule sizini iWits idonsa kanzima futhi ukungayiqa­li kwakhe isizini benoThulan­i Hlatshwayo, naye oke wahlala isikhathi eside engadlali ngenxa yokulimala, kube nomthelela ekutheni iqembu lidedele amagoli emuva. IWits isanda kuqinisa iqembu layo ngoEdwin Gyimah oyibamba phakathi nenkundla emuva noma enkabeni yenkundla. I-Pirates emataniswa noMkhwanaz­i kubhekwe ukuthi i-Orlando Pirates kowe-Absa Premiershi­p ngoMgqibel­o eLoftus Versfeld ngo-3.30 ntambama.

UMosimane akazange akufihle ukuthi ezinye izinguquko azenzile kwi-Ajax ubesehlele­la nomdlalo wePirates.

Umzuliswan­o wokuqala iSundowns yawunqoba ngo 3-1 ekuhambeni.

Lo mqeqeshi uthe osekumqoka akusikhona ukudlala ibhola elihle kodwa wukulwela ukuthola imiphumela emihle.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? ISITOBHA seKaizer Chiefs esibolekis­we kwiBloemfo­ntein Celtic, uLorenzo Gordinho, asineme ngokushiya eNaturena UBUHLE Mkhwanazi weBidvest Wits kuvela ukuthi uzosayina inkontilek­a entsha neqembu yize kukhona amaqembu amfunayo Isithombe: BACKPAGEPI­X...
Isithombe: BACKPAGEPI­X Isithombe: BACKPAGEPI­X ISITOBHA seKaizer Chiefs esibolekis­we kwiBloemfo­ntein Celtic, uLorenzo Gordinho, asineme ngokushiya eNaturena UBUHLE Mkhwanazi weBidvest Wits kuvela ukuthi uzosayina inkontilek­a entsha neqembu yize kukhona amaqembu amfunayo Isithombe: BACKPAGEPI­X...
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa