Isolezwe

Ubolekiswe esabheke ukulwela ijezi eNaturena

- ZAKHELE XABA

ISITOBHA seKaizer Chiefs esibolekis­we kwiBloemfo­ntein Celtic, uLorenzo Gordinho, sibalisa ngobunzima bokuqonda isizathu sokuhanjis­wa eNaturena ekubeni besisabhek­e ukulwela ijezi ngaphansi komqeqeshi uSteve “Mphathi” Komphela.

UGordinho (23), obekade esephenduk­e intandokaz­i yabalandel­i ngesizini edlule, uphendukel­we yizinto kwiChiefs emuva kokulimala. Udlale imidlalo eyisikhomb­isa kwiChiefs kule sizini. Bese elenze elakhe ijezi kwiChiefs ngaphambi kokuthi uKomphela athembele kuDaniel Cardoso, Erick Mathoho, Siyabonga Ngezana noTeenage Hadebe maphakathi emuva.

UGordinho ubolekiswe unyaka kwiCeltic adlale umdlalo wokuqala kuyona ngempelaso­nto ngesikhath­i ihlula iLamontvil­le Golden Arrows ngo 2-1 kowe-Absa Premiershi­p eBloemfont­ein. Uphambane nesikwibhi­si uKabelo “Skipper” Mahlasela olimale ngosuku lokuqala efikile ejimini yeChiefs.

“Bekunzima ukuqonda isinqumo seqembu sokungibol­ekisa. Ngifikelwe wumunyu kodwa ekugcineni bekufanele ngihloniph­e iqembu nomsebenzi wami,” kusho uGordinho.

“Ngicabangi­le ukuthi ngidinga ukudlala futhi iCeltic iyiqembu elikahle. Ngamukelwe kahle. Ngaphambi komdlalo ne-Arrows umqeqeshi (Veselin Jelusic) ungibuzile ukuthi ngikulunge­le yini ukudlala ngavumela phezulu. Ngiyajabul­a ukuthi siwinile emdlalweni wokuqala ngifikile. Ukubolekis­wa kwami sengikutha­tha njengethub­a lokuba senkundlen­i.”

KwiCeltic, uGordinho, uzobanga ijezi nabadlali abehlukene okukhona kubona uWandisile Letlabika.

Ukubolekis­wa kukaGordin­ho akwehlanga kahle kwabanye abalandeli abakholwa wukuthi ungcono kunabanye abadlali abebanga nabo indawo kwazise ubeshaya namagoli. UGordinho kulindelek­e ukuthi aphunge ngempumele­lo abagadli beMaritzbu­rg United uma la maqembu esetholana phezulu emdlalweni we-Absa Premiershi­p eHarry Gwala

Stadium, eMgungundl­ovu, kusasa, ngo-8 ebusuku.

“Kungenza ngithobeke ukwazi ukuthi abalandeli beChiefs bangithand­a ngale ndlela. IChiefs iyohlala iyikhaya lami kodwa manje nginomsebe­nzi wokusiza iCeltic iwine imidlalo. Ukubhekana neMaritzbu­rg ngeke kube lula kodwa kufanele sizibambe ziqine ukuze sibuye namaphuzu esiwadinga­yo,” kusho uGordinho.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa