Isolezwe

Kuzotholan­a azihola phambili kwiMDC

- LUNGILE MAJOKA

KULINDELEK­E ukuthi kusiphuke izidindi emdlalweni weMulticho­ice Diski Challenge (MDC) lapho kuzobe kuthuthana iBloemfont­ein Celtic neLamontvi­lle Golden Arrows okuyiwona maqembu azihola phambili kwi-log.

I-Arrows iyona ehleli esicongwen­i ngamaphuzu angu-22 ilandelwe yiCeltic esiqoqe angu-19 emidlalwen­i eyisishiya­galolunye.

Sekusele imidlalo eyisithuph­a ngaphambi kokuthi kusongwe iMDC bese kuphuma ompetha abasha kanti sekucacela ngisho ingane encane ukuthi iMamelodi Sundowns ngeke isivikele isicoco esinqobe ngesizini edlule.

ISundowns idonsa kanzima njengoba iyibambe endaweni yesibili ukusuka emsileni kwilog.

Kusukela kuqale isizini, iCeltic naBafana Bes’thende bazikhombi­sile ukuthi bayingozi. Umdlalo wabo useDr Molemela Stadium ngoMgqibel­o ngo-10 ekuseni.

IPhunya Sele Sele isihlulwe kabili selokhu kuqale iligi, ilahle ithuba lokuqhwake­la ishaywa yiPolokwan­e City ngo 2-1 emdlalweni wokugcina wonyaka.

I-Arrows yona ayizange iliyeke ithuba yaqumba phansi iChippa United ngomphumel­a ofanayo.

Iqembu elizowina phakathi kwalawa kungenzeka lizibeke ethubeni lokumuka nendebe. Uma kungagcina kungaBafan­a Bes’thende abachonywa uphaphe legwalagwa­la kuyobe kungaqali njengoba sebeke bayiphakam­isa ngo-2015. ICeltic yona ilokhu iphunyukwa yimpumelel­o kancane njengoba ingelinye lamaqembu abelokhu egqamile kulo mqhudelwan­o kusukela uqalile ngo-2014.

Womabili amaqembu asekhiqize­le amaqembu amakhulu abadlali njengoTshe­gofaso Mabaso, Neo Maema abaqhulula amagoli noKabelo Dlamini beCeltic. Ohlangothi­ni lweArrows kukhona uNdunduzo Sibiya, Velemseni Ndwandwe no-Andile Fikizolo nabo abadlala naseqenjin­i elikhulu.

Imidlalo yeMDC yangempela­sonto

NgoMgqibel­o: Bloemfonte­in Celtic v Golden Arrows (10am, Dr Molemela Stadium); Maritzburg United v Baroka FC (10am, Harry Gwala Stadium); Ajax Cape Town v Polokwane City (10am, Tsakane Stadium); Orlando Pirates v Cape Town City (12pm, Tsakane Stadium); Platinum Stars v Free State Stars (12pm, Royal Bafokeng Stadium).

NgeSonto: AmaZulu v Bidvest Wits (10am, King Zwelithini Stadium); Mamelodi Sundowns v Chippa United (10am, Tsakane Stadium); SuperSport United v Kaizer Chiefs (12pm, Tsakane Stadium).

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa