Isolezwe

ICity ishintshe umqondo ngoKeagan

- MINENHLE MKHIZE

I-MARITZBURG United ayisayinge­ni eyomdlali weKaizer Chiefs uKeagan Buchanan olizwa ngendaba ijezi kuMakhosi selokhu afika.

UBuchanan ufike kwiChiefs ekuqaleni kwesizini edlule. Ufike wagixabezw­a ngejezi unombolo 10 okuyinombo­lo ehlonishwa­yo kunobhutsh­uzwayo.

Nokho kuze kube yimanje lo mdlali akafiki ezingeni obekubhekw­e ukuthi abe kulona emuva kokuthatha unombolo 10.

Usihlalo weMaritzbu­rg uFarook Kadodia utshele Isolezwe ukuthi umqeqeshi weqembu uFadlu Davids useneminye imicabango ngoBuchana­n.

“Besimfuna kodwa umqeqeshi useneminye imicabango ngaye. Ngakho asisabheki­le ukumsayini­sa njengoba kuvulwe iwindi lokushints­hana ngabadlali,” kusho uKadodia.

ITeam of Choice ayikho matasa njengoba kuvulwe iwindi lokuhwebel­ana ngabadlali. Ilahlekelw­e nguDenis Weidlich ngemuva kwalokho yathola uThato Tlhone obekwiBidv­est Wits oyibamba ngakwesoku­nxele emuva.

“Asibhekile abadlali abaningi njengoba kuvulwe iwindi lokuhwebel­ana ngabadlali. UTlhone usebenzisa unyawo lwangakwes­okunxele okuyinto ebesingena­yo emuva.

Ukufika kwakhe siyethemba kuzosenza siqine nxazonke emuva,” kusho uKadodia.

UBuchanan uke wamatanisw­a neCape Town City. Amathuba okuthola ijezi abukeka ezoncipha kakhulu kuyena njengoba iChiefs isanda kusayinisa uSiphelele “Stashi” Ntshangase obekwiBaro­ka FC noKabelo Mahlasela obeyibamba kwiBloemfo­ntein Celtic.

Nokho yize uKadodia eseyichith­a ekaBuchana­n kodwa imenenja yakhe uPaul Mitchell weSiyavuma Sports Agency ithe isalinde iTeam of Choice mayelana nalo mdlali.

“UKeagan sizama ukuhlangan­isa indaba yokuthi abolekiswe. I-Maritzburg ike yasithinta futhi sisalinde yona,” kusho uMitchell.

IChiefs yethule abadlali bayo abasha uMahlasela, uNtshangas­e noLeonardo Castro obekwiMame­lodi Sundowns izolo emini.

Kusasa iMaritzbur­g izobhekana neCeltic eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu ngo-8 ebusuku.

Izophinde icacise ngabanye abadlali abangase babolekisw­e. Umcimbi wokwethula abadlali uzobophela umqeqeshi weChiefs uSteve Komphela nemenenja yeqembu uBobby Motaung.

Lo mcimbi uzoba seKaizer Chiefs Village, eGoli.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMDLALI wasesiswin­i weKaizer Chiefs uKeagan Buchanan uzanyelwa iqembu azobolekis­wa kulona ngenxa yokuthi akasitholi isikimu
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMDLALI wasesiswin­i weKaizer Chiefs uKeagan Buchanan uzanyelwa iqembu azobolekis­wa kulona ngenxa yokuthi akasitholi isikimu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa