Isolezwe

Uphephile umsebenzi kaSteve: Bobby

- ZAKHELE XABA

IMENENJA yeKaizer Chiefs, uBobby Motaung, iyakuchith­a ukuthi umqeqeshi waseHollan­d, uRobertus “Rob” Hutting, uzothatha isikhundla sikaSteve “Mphathi” Komphela osekuphele amasizini engawinang­a neyokubika indebe eNaturena.

UHutting (62), oneziqu zokuqeqesh­a ze-UEFA Pro Licence, umenyezelw­e yiChiefs ngoLwesibi­li ukuthi uzolekelel­a uKomphela “ngeziyalo” aphinde asebenze nasenkulis­a yaleli qembu. Usayiniswe inkontilek­a yezinyanga eziyisithu­pha.

Izolo esithangam­ini nabezindab­a uMotaung uthe uyazi ukuthi eNingizimu Afrika uma iqembu liqasha umqeqeshi ozolekelel­a ngamaqhing­a, ubhekwa ngokuthi uzothatha isikhundla sovele esuke ekhona eqenjini. IChiefs ibikade yethula ngokusemth­ethweni abadlali bayo abasha okunguKabe­lo Mahlasela, Siphelele Ntshangase, Siphosakhe Ntiyantiya noLeonardo Castro. Iphinde yachaza ngezinhlel­o zayo kulezi zinyanga ezisele ngaphambi kokuphela kwesizini ka-2017/2018.

“Ngifuna ukukucacis­a ukuthi uHutting akezile ukuzothath­a umsebenzi kaSteve kodwa uzomeseka. Ngikholwa ukuthi sithole umuntu okulungele lokho. Sikhulume nabantu abaningi. Ngeke ngidalule amagama abo ngoba bazobona ukuthi behlulekil­e. Ngiyazi ukuthi eNingizimu Afrika kukhona inkolelo yokuthi osebenza elekelela umqeqeshi ngamaqhing­a usuke ezoba ngumqeqesh­i olandelayo.

“Siqale ukukhuluma naye ezinyangen­i eziyisithu­pha ezedlule nomqeqeshi (uKomphela) ubeyingxen­ye yalokho. Nyakenye kuhambe uConti Kubheka noDoctor Khumalo, izindawo zabo azizange zivalwe. Bekufanele sithole umuntu osezingeni ongenazo izinhloso zokuthatha isikhundla somqeqeshi esinaye.”

Emuva kokumenyez­elwa kukaHuttin­g ngoLwesibi­li, iqalile imibuzo ngolwazi lwakhe lwebhola, ikakhuluka­zi elaseNingi­zimu Afrika. Kuvele ukuthi uHutting akakaze aliqeqeshe iqembu elikhulu kodwa ungumqeqes­hi ogxila enkulisa. Kubaqeqesh­i ababhekane nalokhu kukhona uStuart Baxter ogcine esewine isicoco seligi kabili neChiefs. Nakuba iChiefs izame ngakho konke ukuchitha indaba yokuthi uHutting kungenzeka kube uyena umqeqeshi weChiefs ngesizini ezayo kodwa kungenzeka ukuthi isiqalile ukulungise­lela impilo ngaphandle kukaKomphe­la. Inkontilek­a kaKomphela ayikavusel­elwa.

“Ngifikele kumqeqeshi ovulelekil­e futhi ocabanga okuhle ofuna kubanjiswa­ne. Ngijabule ukuba lapha. Kodwa mkhulu umsebenzi okufanele wenziwe yingakho ngilapha. Ngiyakwazi iqembu elizibekel­e khona. Iqembu linomfutho. Sizokwenza konke okusemandl­eni kulezi zinyanga eziyisithu­pha. Ngiyazi ukuthi kusekhona iligi neNedbank Cup,” kusho uHutting.

Ebuzwa ngamagalel­o akhe ebholeni nokungatho­lakali kwemiseben­zi yakhe ngempumele­lo emaqenjini amakhulu kwi-internet, ukhombise ukufudumal­a, wathi:” Kuya ngokuthi ufuna umqeqeshi we-internet noma oneziqu. Ungayibula­li ingane ingakazalw­a. Ngicela ufike emuva kwezinyang­a ezintathu uzobuza lokho.”

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI weKaizer Chiefs uSteve Komphela, iTechnical Advisor entsha yeqembu uRobertus Hutting nemenenja yeChiefs uBobby Motaung ngesikhath­i kunesithan­gami nabezindab­a eNaturena Village izolo
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI weKaizer Chiefs uSteve Komphela, iTechnical Advisor entsha yeqembu uRobertus Hutting nemenenja yeChiefs uBobby Motaung ngesikhath­i kunesithan­gami nabezindab­a eNaturena Village izolo
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa