Isolezwe

UZodwa Wabantu uthuka uCeleste

- NOKUBONGWA PHENYANE

UMDANSI osezakhele olukhulu udumo ngokungazi­gqoki izimpahla zangaphans­i, uZodwa Wabantu, ushiye angalazi kusomahlay­a ophinde abe ngumlingis­i weSibaya uCeleste Ntuli ngemuva kokuthi ekhulume ngaye emsakazwen­i.

UCeleste enkulumeni akade enayo emsakazwen­i iPower FM, uthe uZodwa akazihloni­phi futhi kumele ahloniphe umzimba wakhe agqoke iphethi.

UCeleste ubekhuluma kulo msakazo njengoba ethula ifilimu yakhe ethi, Looking For Love.

“Amantombaz­ane amnyama awanakwa uma esebenza kanzima, enza izinto ezinhle. Kodwa kukhona amantombaz­ane avele akhumule izikhindi zawo zangaphans­i, wonke amehlo athi njo kuwona. Angikuqond­i ukuthi yini wonke umuntu akhulume ngale nto, iyanyanyis­a, yenza thina bantu besifazane abamnyama sibukeke kabi,” kusho uCeleste.

Akagcinang­a lapho, ukubeke kwacaca ukuthi ngisho behlangana akafuni nokuthatha naye isithombe. UZodwa uziphendul­ele ezinkundle­ni zokuxhuman­a eqeda kuzwa le nkulumo. Uvele wabiza uCeleste ngengulube. “Uma ngiyiShebe­en Queen ngomsebenz­i wami wena uyingulube engcolile sihla .... Uthi ngeke uthathe nami isithombe uma sihlangana. Ngabe bengisicel­ile yini? Angidinge kuthandwa muntu mina. Ngiyacela ukuthi ungafaki igama lami uma ukhuluma ngomsebezi wakho,” kubhala uZodwa. Uqhubekile wathi uCeleste uphusha umsebenzi wakhe esebenzisa igama lakhe ngoba azi kahle ukuthi wonke umuntu uzomnaka uma ekhuluma. UCeleste ngemuva kokuthi uZodwa ebhale kanje uphendulil­e wathi, “Ngiyaphind­a futhi kuyanyanyi...,ezinye izitho zomzimba wethu kumele sihlale sizifihlil­e.” Ethintwa uCeleste ngalolu daba uthe akathandi ukuphawula. Ucingo lukaZodwa belukhala lungabanjw­a. Kwenzeka lokhu nje, uDJ Tira ubesanda kuba nomhlangan­o obubukwa bukhoma kwiTwitter, enxusa uZodwa ukuthi ayeke ukhuluma amagama ahlambalaz­ayo nanehlamba. UZodwa uthembisil­e ukuthi uzowuyeka lo mkhuba.

 ?? Isithombe: SIGCINIWE ?? ZODWA WABANTU UCELESTE Ntuli uhluleke ngisho ukufihla ukuthi indlela uZodwa Wabantu aziphethe ngayo nokungalig­qoki kwakhe iphenti akakuthand­i futhi kudicilela phansi isithuzi sowesifaza­ne omnyama
Isithombe: SIGCINIWE ZODWA WABANTU UCELESTE Ntuli uhluleke ngisho ukufihla ukuthi indlela uZodwa Wabantu aziphethe ngayo nokungalig­qoki kwakhe iphenti akakuthand­i futhi kudicilela phansi isithuzi sowesifaza­ne omnyama
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa