Isolezwe

UZakwe nezinhlelo zokuqedela iziqu ze-IT

- FANELESIBO­NGE BENGU

UMREPHA waKwaMashu, uZakwe, useveze ukuthi usemizamen­i yokubuyela esikoleni kulo nyaka ayoqedela iziqu ze-IT azishiya phakathi ngo-2009 ngenxa yomculo.

Uthe washiya sekusele unyaka nohhafu ngaphambi kokuthi aqede eDurban University of Technology (DUT) lapho ayefunda khona.

“Ngizama ukubuyela khona eDUT. Kuzokwenza abazali bami bajabule ngoba bayayiqhak­ambisa indaba yesikole. Kodwa vele yisinqumo engasithat­ha sokuthi kumele ngiqedele engakuqala. Noma ngingeke ngisaba wungoti wezobuchwe­pheshe kodwa ngifuna ukuba nazo ngazi ukuthi zikhona,” kusho uZakwe.

Uphinde wagqugquze­la abangaphum­elelanga ku-matric wathi ukungaphum­eleli kwabo akusho ukuthi uyisehlule­ki.

“Kukho konke okwenzekay­o ukungaphum­eleli kumele ukuthathe njengesifu­ndo. Uma uqhuzuka ungakubuki lokho njengokweh­luleka kodwa kubuke njengesifu­ndo,” kusho uZakwe.

UZakwe uzakhele ugazi kubathandi bomculo ngo-2011 ngemuva kokukhipha i-albhamu yakhe yokuqala ethi Zakwe eyayigabe ngezingoma okubalwa kuzona ethi Bathi Ng’yachoma nezinye.

Ngonyaka odlule ukhiphe ingoma ethi Sebentini ngokuhlang­anyela noCassper Nyovest noMusiholi­q. Ngesikhath­i beyishaya noCassper Nyovest kwi #FillUpFNB nyakenye, uNgqongqos­he wezobuCiko namaSiko kuzwelonke uNathi Mthethwa wabancoma ngokuqhaka­mbisa isiko nolimi lwamaKhois­an.

“Akuphelile ngami, labo abacabanga kanjalo abavele bakhohlwe.”

Uthe i-albhamu yakhe entsha ezophuma ngaphambi kukaMashi isiphelile kodwa uselinde ukuthi “iMabala Noise ishaye impempe”.

 ?? Isithombe: NOKUTHULA MBATHA ?? UMREPHA uZakwe uthe ingoma yakhe iSebentini yenze abebecaban­ga ukuthi kuphelile ngaye babone ukuthi usekhona
Isithombe: NOKUTHULA MBATHA UMREPHA uZakwe uthe ingoma yakhe iSebentini yenze abebecaban­ga ukuthi kuphelile ngaye babone ukuthi usekhona

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa