Iyaqonga eyokusatshiswa kwabangcwabi
LUYASHUBA udaba lokusatshiswa kwabangcwabi bezinye izinhlanga ukuthi bangangeni emalokishini nasezindaweni zasemakhaya uma beyongcwaba njengoba iNational Funeral Parlours’ Association (NAFUPA) ithi izobamangalela abezinkampani ezisabisayo.
INAFUPA isho lokhu ngenxa yokuthi izolo iNational Funeral Practitioners Association of South Africa (NAFUPA SA) ithe isamile ekutheni abelungu, amaNdiya, namakhaladi abamukelekile ukuzolanda nokungcwaba abantu basemalokishini kusukela ngoFebhuwari 1.
UNobhala Jikelele weNAFUPA SA, uMnuz Nkosenhle Shezi, uthe bebenomhlangano ngoLwesithathu lapho betshele khona abangcwabi bezinhlanga ezehlukene ukuthi abasabadingi abangcwabi bezinye izinhlanga emalokishini nasezindaweni zasemakhaya.
“Asiguquki esitatimendeni sethu ngoba kade bedla imali yaselokishini. Sicela basidedele nathi sifuna ukuthuthuka njengoba singosomabhizinisi abamnyama, asizona izigebengu kodwa siyathemba bazosihlonipha bangezi emalokishini ngesikhathi esinqunyiwe,” kusho uShezi.
Uthe abanomasingcwabisane bezinkampani zezinye izinhlanga kufanele kuthi uma beshonelwe bathathe imali kuzo baqoke eyomuntu omnyama ezongcwaba.
UMnuz Mlungisi Chiliza obhekele ezokuxhumana kwiNAFUPA uthe babhalele uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha neMvelo KwaZuluNatal uMnuz Sihle Zikalala ukuze angenele kulolu daba ngoba basatshiswa ngokuthi izimoto zabanye abangcwabi zizoshiswa ngamabhomu.
“Sithumelele uZikalala i-email simcela ukuthi angenelele njengoba wayethembise ukuthi uzohlanganisa zonke izinhlaka ezithintekayo ngonyaka odlule ngesikhathi kuqala ukusabalala kwale miyalezo. Asigculisekile ngeemail evela kumsebenzi wakhe ethi uyitholile i-email ngoba akakaze enze lutho,” kusho uChiliza.
Uthe bazoqhubeka nokuxoxisana nabeNAFUPA SA ngoba umengameli wayo wayeyilungu labo futhi uyazi ukuthi iNingizimu Afrika ibuswa ngentando yabantu nabantu banelungelo lokuqoka izinkampani abazithandayo zibenzele umngcwabo. “Sizovula icala siye enkantolo futhi siqinisekise ukuthi izimoto zabangcwabi ziphelezelwa ngamaphoyisa uma ziya emalokishini. Sizowavikela amalungu ethu namakhasimende ethu njengoba iNAFUPA SA isabisa,” kusho uChiliza.
UMnuz Nesh Jadoo ongumngcwabi ozimele uthe ibaphethe kabi le ndaba ngoba bebesebenzisana kahle nabangcwabi abamnyama futhi bazimisele ukusebenzisana nabo ngaphandle kodlame. Ugqugquzele izinhlaka ezithintekayo ukuthi zixoxisane ukuze kutholwe isixazululo.
UMnuz Bongani Tembe okhulumela uMnuz Sihle Zikalala ukuqinisekisile ukuthi bayitholile i-email evela kubangcwabi futhi bazokwenza isiqiniseko sokuthi bahlangana nabo maduzane.