Isolezwe

Uphucwe amandla umasipala

- MLUNGISI GUMEDE

UPHUCWE amandla uMasipala waseMooi-Mpofana eMooiRiver obukhunget­hwe yizinkinga ebezidala ungakwazi ukuyisa izidingo emphakathi­ni.

UNgqongqos­he woMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, izolo usebenzise isigaba 139, ephuca lo mkhandlu amandla. Uqoke uMnuz Martin Sithole njengomlaw­uli wawo.

“Lokhu ngeminye yemizamo yethu eminingi yokungenel­ela ekuxazulul­eni izinkinga ezidala ukuthi lo mkhandlu ungakwazi ukusebenza,” kusho uNkk Dube-Ncube.

Uthe lo mkhandlu ubukhunget­hwe yizinkinga ebezidala imibhikish­o yomphakath­i, iziteleka ezingekho emthethwen­i zabasebenz­i nokucekelw­a phansi kwezakhiwo zomphakath­i. Uxwayise ngokuthi uma isimo singashint­shi bazophoqel­eka ukuthi umkhandlu bawuhlakaz­e.

UMkhandlu waseMooi-Mpofana uthole umbiko omubi kunayo yonke obizwa ngedisclai­mer kumncwanin­gi mabhuku kwisabelo-mali sanyakenye.

Bekunovalo lokuthi lo mkhandlu uzophinde uthole umbiko omubi njengoba bezingekho izinkomba zoshintsho.

UNkk Dube-Ncube uthe kusuka ngo-2012, lo mkhandlu awusebenzi ngendlela efanele.

Uthe ngo-2014, baphoqelek­a ukuthi bagcine bewuhlakaz­a lo mkhandlu njengoba ubumbeke kabusha ngemuva kokhetho luka2016.

“Sizimisele ngokusilun­gisa isimo somkhandlu kodwa sizodinga ukuthi zonke izinhlaka zibambisan­e ukuze kube noshintsho, sifuna ukuxwayisa ngokuthi uma isimo singashint­shi lokho kungaholel­a ekutheni sithathe ezinye izinyathel­o ezinzima,” kusho uNkk Dube-Ncube.

Uthe isimo sezimali zomkhandlu asisihle. Uthe umasipala uyakweleta, usengcuphe­ni yokunqanyu­lelwa ugesi.

Ukungezwan­i kwekhokhas­i ye-ANC okuyiyo ehola lo mkhandlu ngezinye zezizathu okuthiwa zidala ukuthi umasipala ungakwazi ukusebenza. Kuthiwa ikhona neminye imikhandlu engenzi kahle esengcuphe­ni yokuphucwa amandla.

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa