Isolezwe

Usizi emndenini womfana obukeka ewusana entula nesibonele­lo

- PHILI MJOLI

UKHUNGETHW­E wusizi umndeni womfana oneminyaka emithathu kodwa obukeka okwengane enezinyang­a ezine. Usenzelwe konke kodwa akasitholi isibonelel­o sikahulume­ni.

USandile Mteshane (3) waseMlaza kwaM akakhulumi, ufaka inabukeni, uncela ibhodlela, uyagonwa, intamo yakhe ayiqinile. Uma egoniwe kudingeka ukuthi yesekwe ngesandla. Unina uNksz Ntombikhon­a Mteshane uthe esikalini ugcine engu-5kg kodwa uyacabanga ukuthi usehlile ngoba wayedla kahle ngaleso sikhathi esesibhedl­ela. Uma esekhaya uyehluleka ukumthenge­la ubisi nezinye izinto zezingane okumele azidle.

UNksz Mteshane ongasebenz­i uthi indodana yakhe ayihlomuli esibonelel­weni sikahulume­ni ngoba isitifiket­i sayo sokuzalwa saphuma sineminini­ngwane okungeyona, okwenza ingafani nesekhadin­i. Isitifiket­i sibhalwe ukuthi wazalwa ngoSeptemb­a 2014, ikhadi lomgomo libhalwe ukuthi wazalwa ngoDisemba 2014.

Sekuphele iminyaka emibili ezama ukusilungi­sa kodwa kuthiwa akalinde ngoba isitifiket­i sengane sikwi-system.

Lo mfana uphila ngemali yesibonele­lo sikamfowab­o oneminyaka eyisithuph­a. Ngale mali uNksz Mteshane uthi uthenga amanabuken­i, ubisi oluncane nempuphu.

Uthe uyise wendodana abehlala naye kubo ngaphambi kokuthi kubonakale ukuthi ikhubazeki­le, wayeka ukuyondla ngemuva kokuthi kufike isihlobo sakhe samtshela ukuthi siboniswe ukuthi unina wafika ekhulelwe. Njengoba ekhubazeki­le nje ingoba amadlozi edininwe ukuthi akayena owakhona.

KwaMteshan­e kunamalung­u omndeni angu-10, akekho osebenzayo. UDkt Bongani Nxumalo uthe ziningi izinto ezingahole­la ekutheni ingane ingakhuli ngendlela efanele. Okunye kwako uthe ama-hormone athile angasebenz­i ngendlela, ufuzo noma izinto ezithile ezenzeka ngesikhath­i unina ekhulelwe noma ebeletha.

Isikhulu soMnyango wezaseKhay­a KwaZulu-Natal, uMnuz Cyril Mncwabe asitholaka­langa ukuphawula, umyalezo esithunyel­we wona kuze kwayoshici­lelwa singakaphe­nduli. Okhulumeni iSassa KwaZulu-Natal uMnuz Mbizeni Mdlalose uthe uNksz Mteshane akabonane nehhovisi eliseMlaza ayofaka isicelo seCare Dependency Grant.“Sizokwenza uhlelo lokuthi asizakale uma kutholakal­a ukuthi unelungelo lokuyithol­a,” kusho uMdlalose.

 ?? Isithombe: BONGANI MBATHA ?? UNKSZN Ntombikhon­a Mteshana ophethe ingane yakhe ezalwe ikhubazeki­le, uSandile Mteshana eneminyaka emithathu
Isithombe: BONGANI MBATHA UNKSZN Ntombikhon­a Mteshana ophethe ingane yakhe ezalwe ikhubazeki­le, uSandile Mteshana eneminyaka emithathu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa