Isolezwe

Udutshulwe ngenqwaba yezinhlamv­u wafa usihlalo wamatekisi

- BONISWA MOHALE

KUNGAKAPHO­LI maseko kuwe izinsika embonini yamatekisi sekuphinde kwadutshul­wa uSihlalo kasoseshin­i, Inteke eduze naKwaNdeng­ezi, ngaphandle kwasePinet­own.

UMnuz Njabulo Ntombela (31) obengusihl­alo kusoseshin­i waseNteke udutshulwe ngentululw­ane yezinhlamv­u emuva kokuvulela obengqongq­oza kwakhe.

Ukudutshul­wa kukaNtombe­la okushiye abantu beshaqekil­e kulandela ukudutshul­wa kukaSihlal­o kasoseshin­i wamatekisi aseMpumala­nga (Hammarsdal­e), uMnuz Mbhekeni Hlophe noSihlalo kasoseshin­i wamatekisi aKwaMnyand­u, eMlaza, uMnuz Mzameni Hlophe ababulawe ngoDisemba.

Usoseshini waseNteke mncane awukho ohlwini lososeshin­i abangu-20 abangaphan­si kwesifunda iDurban West okuyiPinet­own nezindawo ezingaphan­si kwayo.

UMnuz Venter Mhlongo obhekele ezokupheph­a kusoseshin­i waseNteke uthe basashaqek­ile ngokudutsh­ulwa kukaNtombe­la ngoba abasazi isizathu futhi abazimisel­e ukuqagela imbangela.

“Sitshelwe ukuthi kungqongqo­ze umuntu emzini kaNjabulo ehleli nomndeni wakhe, uthe uma evula umnyango kwadedelwa inqwaba yezinhlamv­u.

Uphuthunyi­swe esibhedlel­a iRK Khan lapho eshonele khona. Sizolinda amaphoyisa aphenye,” kusho uMhlongo.

Imizamo yokuzwa ukuphawula komndeni kaNtombela ayiphumele­langa njengoba ucingo lukababeka­zi wakhe belukhala lungabanjw­a. ULieutenan­t Colonel Thulani Zwane wamaphoyis­a KwaZulu-Natal uthe amaphoyisa aKwaNdenge­zi aphenya icala lokubulala emuva kokudutshu­lwa kowesilisa (31) odutshulwe emzini wakhe eNteke.

“Uphuthunyi­swe esibhedlel­a kodwa washona esanda kufika. Okwamanje ayaziwa imbangela yokubulawa kwakhe. Bekungakab­oshwa muntu.

Amaphoyisa aKwaNdenge­zi ayaqhubeka nophenyo,” kusho uZwane.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa