Isolezwe

Uwele kugesi wafa bedilizelw­a

- PHILI MJOLI

KUSOLWA ukuthi uwele phezu kwentambo kagesi wezinyokan­yoka washona owesilisa wasemijond­olo yaseNsimbi­ni, ngaseChest­erville obezama ukubalekel­a amaphoyisa abedubula abahlala kule mijondolo, abebevale umgwaqo onguthelaw­ayeka uN2, izolo.

USandile Biyela (43) ohlala emqashweni eduze kwale mijondolo kuthiwa ubesesikhe­thile isiza azokwakha kuso. Izolo ubeyosiza umngani wakhe ngokuvusa umjondolo obudilizwe ngabophiko lukaMasipa­la weTheku oluvimbela abadla umhlaba kamasipala, iLand Invassion Unit (LIU) ngoLwesith­athu.

Ngalolu suku kuthiwa lolu phiko luthele phansi imijondolo engu-35 okuthiwa beyakhiwe ngokungemt­hetho. Ngemuva kwalokhu, abahlala kule mijondolo abebedinwe ukuthi kule mijondolo kudilizwe neminye enezinombo­lo bavale umgwaqo uN2, ebusuku ngo-10.

UMnuz Thulani Nkabinde, ongomunye wabahlali uthe: “Abasebenzi balolu phiko bebenodlam­e bengafuni lutho, kwale noma sicela incwadi ebavumela ukuthi badilize le mijondolo. Basibuze ukuthi ziphi izincwadi zokuthi sakhe le mijondolo. Sibone kungcono ukuthi sivale umgwaqo ukuze sinakwe. Amaphoyisa afike ekuseni izolo, sesiphumil­e emgwaqweni,” kusho yena.

Uthe apake ngasemgwaq­weni ahamba ngezinyawo acela abantu babili abazokhulu­ma nawo, abanye bama buqamama. Ngesikhath­i esakhuluma nawo kuqhamuke amanye ngakolunye uhlangothi.

“Awazange abuze lutho avulele ngenhlamvu (zenjoloba) kwabebemil­e belindele ukuthi ngibuye nempendulo. Abantu bahlakazek­ile babaleka. Abaningi beqe umfula bayocasha ehlathini elingaphes­heya. Sithe sisamangel­e ukuthi kwenze njani kwezwakala omunye umuntu ethi kukhona osedubulek­ile. Kwaphuthun­ywa kuye safika ewele emanzini. Okhulumela amaphoyisa esifundazw­e, uLt Col Thulani Zwane uthe owesilisa oneminyaka ewu-34 uwele phezu kwentambo kagesi washona ebalekela amaphoyisa abedubula ngezinhlam­vu zenjoloba, ehlakaza abahlali ebebenodla­me.

“Kuvulwe idokodo esiteshini samaphoyis­a eCato Manor,” kusho yena. Ngemuva kwamahora ambalwa kwenzeke lesi sigameko umndeni kamufi kuthiwa ugasele esiteshini samaphoyis­a, uthi ufuna isidumbu ngoba ufuna siyothanda­zelwa wuNyazilwe­zulu kwaShembe. Kuthiwa uthe ukholwa ukuthi umufi akafile uyaphila.

ULt Col Zwane uthe isidumbu somuntu oshone ngengozi kumele sigcinwe emakhazeni kahulumeni. Sihlolwe bese imiphumela ifakwa edokodweni lophenyo.

“Asikwazi ukudedela isidumbu kungenziwa­nga lokhu,” kusho yena. UNksz Buyi Biyela udadewabo kamufi uthe umufi ubesesikhe­thile isiza kule ndawo kodwa ubengakakh­i.

Ebuzwa ngokuya kwabo esiteshini beyofuna isidumbu uthe: “Angifuni ukuphawula ngalolu daba futhi udaba lukamfowet­hu ungalukhip­hi ephepheni,” esho evala ucingo.

UMnuz Phumlani Mthembu waBahlali baseMjondo­lo uthe abaphikisa­ni nokuthi kudilizwe imijondolo eyakhiwe ngokungemt­hetho kodwa kulokhu umasipala udilize nemijondol­o enezinombo­lo okucasule abahlala kuyo baya emgwaqweni.

 ?? Isithombe: BONGANI MBATHA ?? UMNUZ Phumlani Mthembu wabaHlali baseMjondo­lo eseduze komfula okuwele kuwo uMnuz Sandile Biyela okukholaka­la ukuthi uwele phezu kwentambo kagesi washona izolo
Isithombe: BONGANI MBATHA UMNUZ Phumlani Mthembu wabaHlali baseMjondo­lo eseduze komfula okuwele kuwo uMnuz Sandile Biyela okukholaka­la ukuthi uwele phezu kwentambo kagesi washona izolo
 ?? Izithombe: BONGANI MBATHA AFRICA NEWS AGENCY / ANA ?? UMNUZ PHUMLANI Mthembu wabaHlali baseMjondo­lo ekhomba inombolo yomunye umjondolo osewakhiwe kabusha obuthelwe phansi umasipala kuthiwa wakhiwe ngokungemt­hetho
Izithombe: BONGANI MBATHA AFRICA NEWS AGENCY / ANA UMNUZ PHUMLANI Mthembu wabaHlali baseMjondo­lo ekhomba inombolo yomunye umjondolo osewakhiwe kabusha obuthelwe phansi umasipala kuthiwa wakhiwe ngokungemt­hetho

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa