Isolezwe

Bayaphamba­na uMadonsela noMkhweban­e

-

U-Adv Mkhwebane uthe uzimisele ukulekelel­a ikhomishin­i ngoba kunamacala afaka nehhovisi lakhe.

“Njengoba esebheke ubufakazi obusehhovi­si lakhe ucela ukuthi umengameli anikeze ikhomishin­i amandla okuthi iphenye nezinye izindaba ezithinta ukusetshen­ziswa kombuso ezinkampan­ini zikahulume­ni, ingagxili embikweni ophambi kwayo kuphela,” kusho uNksz Cleopatra Mosana okhulumela u-Adv Mkhwebane.

Uthe u-Adv Mkhwebane usho lokhu ngoba kungumsebe­nzi wakhe ukuqinisek­isa ukuthi iziphakami­so ezisembikw­eni wokulawulw­a kombuso yidlanzana, ziyenzeka.

Umholi we-UDM uJenene Bantu Holomisa uthe u-Adv Mkhwebane makayeke “ukuzenza isilima” kodwa makafunde iziphakami­so ezazenziwe ngu-Adv Madonsela. “Isinqumo senkantolo siyacacisa ukuthi ijaji kufanele lenzeni. Akadingeki u-Adv Mkhwebane futhi azikho nezinye izindaba ezidinga ukuphenywa.

UNobhala weCouncil for the Advancemen­t of the South African Constituti­on (Casac) uMnuz Lawson Naidoo uthe akwamukele­kile okwenziwa nguAdv Mkhwebane.

“Umyalelo wenkantolo ucacisa ngokusobal­a okufanele kwenziwe yikhomishi­ni yeJaji Zondo. Kufanele kwenziwe lokho okwashiwo enkantolo hhayi okunye,” kusho uNaidoo.

Uthe iJaji Zondo kufanele aqede umsebenzi wakhe ezinyangen­i eziyisithu­pha, ngakho asikho isikhathi sokubheka ezinye izindaba.

UMqondisi wenhlangan­o i-Open Secrets uMnuz Hennie Van Vuuren uvumelene noNaidoo ethi asikho isikhathi sokubheka ezinye izindaba.

“U-Adv Mkhwebane akabheke izindaba zehhovisi lakhe, ayeke ijaji lenze umsebenzi walo,” kusho uVan Vuuren.

ISouth African Communist Party (SACP) ithe esikhundle­ni sokuvikela umphakathi u-Adv Mkhwebane uzifaka ezindabeni ezingamdin­gi.

“U-Adv Mkhwebane kufanele azithibe ekusebenzi­seni amandla akhe njengoMvik­eli woMphakath­i ukugxambuk­ela kwipolitik­i. Akushoyo akungeni kulo msebenzi okumele wenziwe yijaji,” kusho uMnuz Alex Mohubetswa­ne Mashilo obhekele ezokuxhuma­na kwiSACP.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa