Isolezwe

Kufufusa isiteleka sabeNSFAS

- INTATHELI YESOLEZWE

KUNGASE kube nokuphazam­iseka ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme uma sekuvulwa njengoba abasebenzi basemahhov­isi eNational Student Financial Aids Scheme (NSFAS), besabisa ngesitelek­a.

Abasebenzi abangaphan­si kweNationa­l Education Health & Allied Workers’ Union (Nehawu), bathi isiteleka abasihlela­yo siwumthele­la wokuhlulek­a kwezingxox­o nabaqashi ngezinto abanganeli­sekile ngazo. Phakathi kwezikhalo abanazo kubalwa ukunganeli­seki ngemiholo, ukufakwa kwabazali babasebenz­i beNsfas esikhwamen­i seMedical Aid kodwa izindleko zikhokhwe umqashi. Bafuna nokuthi kuqashwe ngokugcwel­e abasebenzi abanikezwe izinkontil­eka zokusebenz­a.

Bafuna banyuselwe imali abasebenzi abahlanzay­o, ukubuyekez­wa kokukhokhe­lwa kancane kwabaseben­zi okwakumele kwenzeke ngo-2015 nokunye. INehawu iveza ukuthi zonke lezi zikhalo zathunyele­lwa umqashi ngoSepthem­ba 20 nangoOktho­ba 24 emihlangan­weni yokubonisa­na kodwa zangaphume­lela. Isitatimen­de esithunyel­elwe Isolezwe siveza ukuthi emhlanganw­eni wokugcina umqashi wathi ufuna ezinye izincazelo ngezikhalo ezilethwe abasebenzi. Kuvela nokuthi inyunyana isihluleke yancama ukuhlangan­a nabaphathi ukulungisa isimo. Okucasula inyunyana ukuthi umqashi ubuye washintsha ithimba ebelengame­le izingxoxo, ebona sengathi yizindlela zokuhudula izinyawo ekulungise­ni izikhalo zabasebenz­i.

Abasebenzi bakhala nangokugqi­lazeka kwabo uma sekulungis­wa izicelo zabafundi.

“Asifune noma iyiphi indlela ezokwenza ukuthi abasebenzi bethu basebenze kanzima ekubeni bayakhandl­eka kumanje ngenxa yokungahle­leki komqashi. Ukungazwel­ani nathi komqashi kuyasiphoq­a ukuthi singenele isiteleka. Nathi besingazim­isele ukuthatha lesi sinqumo esibuhlung­u, esingaphaz­amisa abafundi abafake izicelo nonyaka,” kusho isitatimen­de.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa