Isolezwe

Kugqugquze­lwa abasafuna izikhala emanyuvesi

- MHLENGI SHANGASE

ISIKHUNGO esisiza abafundi abangazifa­kanga izicelo zokufunda emanyuvesi kulo nyaka iCentral Applicatio­n Clearing House (CACH) isisize abafundi abevile ku-20 000 abafuna izikhala.

Lesi sikhungo esingaphan­si koMnyango weMfundo ePhakeme siqale ukusebenza ngoMsombul­uko kuleli sonto ukusiza labo abangazifa­kanga izicelo zokufunda nonyaka.

IPhini likaNgqong­qoshe lalo Mnyango, uMnuz Buti Manamela, lihambele lesi sikhungo kuleli sonto liyohlola ukusebenza kwaso.

Uthe baningi abasebenzi­sa lesi sikhungo ukufuna izikhala zokufunda, abanye bafaka izicelo zoxhaso lwezimali.

“Uma ubheka olayini abebe khona phambilini, namanje uyabona ukuthi lesi sikhungo siyasebenz­a. Abasafuna izikhala abaqhubeke bafake izicelo kulesi sikhungo ukuze batholelwe amanyuvesi asenezikha­la.” Lesi sikhungo sizovalwa ngoFebhuwa­ri 28 nonyaka. Umnyango unxuse abafundi abachithwe amanyuvesi ukuthi basebenzis­e lesi sikhungo ukuze batholelwe ezinye izikhala.

Inhlangano emele amanyuvesi, i-Universiti­es South Africa, igqugquzel­e abafundi ukuthi basebenzis­e lesi sikhungo ukufaka izicelo bangaziyel­i emanyuvesi.

Ithe kodwa amanyuvesi ngeke abajikise abafundi uma sebefikile bezofuna izikhala bazoluthol­a usizo.

Zibalelwa ku-208 000 izikhala ezikhona emanyuvesi akuleli kulo nyaka ekubeni bebalelwa ku-150 000 abafundi abaphasa ngamaBache­lor.

Abafundi bangafaka izicelo ku:www.cach.dhet.gov. za noma bashayele inombolo yamahhala ethi-0800 356 635.

Bangashaya ucingo kusuka ngo-8 ekuseni kuya ku-6 ntambama phakathi nezinsuku, ngoMgqibel­o bashaye phakathi kuka-8 kuya ku-2 ntambama.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa