Akugwenywe inkinga yokubanjwa kwemiphumela
SESISUKILE isiphithiphithi sabazali abakhala ngokunganikwa kwabafundi izitatimende zemiphumela ka-matric ngoba belahle noma bengabuyisanga izincwadi zesikole.
UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal ukucacisile ukuthi kulezo zikole ezixhaswa nguhulumeni, akuvumelekile ukuthi othishanhloko babambele abafundi imiphumela yabo ngenxa yezikweletu. Empeleni kuyicala. Ukubanjwa kwemiphumela vele kungaba nomthelela omubi wokuthi kungabambezela ukuthuthuka kwemfundo yalowo mfundi njengoba imiphumela kuyiyo esetshenziswayo ukuze abafundi bamukelwe enyuvesi nasemakolishi abebefake izicelo kuwo.
Ngakho ukunqwaha kukathishanhloko nemiphumela kuyingozi okumele igwenywe.
Ngakolunye uhlangothi lesi simo sisho ukuthi uMnyango wezeMfundo nezikole basebenzela emuva ngoba kuyacaca ukuthi akutshalwa imali kepha iyamoshwa ngokuthengwa kwalezi zincwadi.
Ukube lezi zincwadi kazilahleki noma ziyabuya zonke othishanhloko ngabe bonga imali bakwazi ukwenza ezinye izinto ngayo zokuthuthukisa isikole.
Kepha zizolokhu zithengwa unyaka nonyaka ngoba ziyadingeka futhi nabangazibuyisi abazikhokhi.
Sisanda kubika ngodaba lapho abazali bekhala khona ngothishanhloko ababambe imiphumela yezingane zabo ngoba bengazibuyisanga izincwadi zesikole.
Okuphoxayo wukuthi akucaci ukuthi uMnyango unaso yini isisombulu sokwelekelela othishanhloko kule nkiyankiya. Okhulumela uNgqongqoshe uMnuz Mthandeni Dlungwane, uMnuz Kwazi Mthethwa ethe izikole kumele zizakhele imigomo yokuqoqwa kwezincwadi.
UMnyango nawo kumele ube nomgomo ngokulahleka kwalezi zincwadi uma ungafuni ukulokhu uthenga izincwadi ezifanayo minyaka yonke.
Kucotha ukuthuthuka kwengqalasizinda nje ezikoleni ezisemakhaya nasemalokishini kungenxa yezinto ezifana nakho ukungabuyiswa nokulahleka kwezincwadi. Abazali mabangajahi ukukhononda kepha uma ingane yakho ilahle incwadi ikhokhe noma wenze izinhlelo zokuyibuyisa.