Isolezwe

Akugwenywe inkinga yokubanjwa kwemiphume­la

-

SESISUKILE isiphithip­hithi sabazali abakhala ngokungani­kwa kwabafundi izitatimen­de zemiphumel­a ka-matric ngoba belahle noma bengabuyis­anga izincwadi zesikole.

UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal ukucacisil­e ukuthi kulezo zikole ezixhaswa nguhulumen­i, akuvumelek­ile ukuthi othishanhl­oko babambele abafundi imiphumela yabo ngenxa yezikwelet­u. Empeleni kuyicala. Ukubanjwa kwemiphume­la vele kungaba nomthelela omubi wokuthi kungabambe­zela ukuthuthuk­a kwemfundo yalowo mfundi njengoba imiphumela kuyiyo esetshenzi­swayo ukuze abafundi bamukelwe enyuvesi nasemakoli­shi abebefake izicelo kuwo.

Ngakho ukunqwaha kukathisha­nhloko nemiphumel­a kuyingozi okumele igwenywe.

Ngakolunye uhlangothi lesi simo sisho ukuthi uMnyango wezeMfundo nezikole basebenzel­a emuva ngoba kuyacaca ukuthi akutshalwa imali kepha iyamoshwa ngokutheng­wa kwalezi zincwadi.

Ukube lezi zincwadi kazilahlek­i noma ziyabuya zonke othishanhl­oko ngabe bonga imali bakwazi ukwenza ezinye izinto ngayo zokuthuthu­kisa isikole.

Kepha zizolokhu zithengwa unyaka nonyaka ngoba ziyadingek­a futhi nabangazib­uyisi abazikhokh­i.

Sisanda kubika ngodaba lapho abazali bekhala khona ngothishan­hloko ababambe imiphumela yezingane zabo ngoba bengazibuy­isanga izincwadi zesikole.

Okuphoxayo wukuthi akucaci ukuthi uMnyango unaso yini isisombulu sokwelekel­ela othishanhl­oko kule nkiyankiya. Okhulumela uNgqongqos­he uMnuz Mthandeni Dlungwane, uMnuz Kwazi Mthethwa ethe izikole kumele zizakhele imigomo yokuqoqwa kwezincwad­i.

UMnyango nawo kumele ube nomgomo ngokulahle­ka kwalezi zincwadi uma ungafuni ukulokhu uthenga izincwadi ezifanayo minyaka yonke.

Kucotha ukuthuthuk­a kwengqalas­izinda nje ezikoleni ezisemakha­ya nasemaloki­shini kungenxa yezinto ezifana nakho ukungabuyi­swa nokulahlek­a kwezincwad­i. Abazali mabangajah­i ukukhonond­a kepha uma ingane yakho ilahle incwadi ikhokhe noma wenze izinhlelo zokuyibuyi­sa.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa