Isolezwe

Siyaziqhen­ya ngesikole sangakithi esigila izimanga

-

yindlela othisha, abafundi, abazali nothishanh­loko uMnuz Oscar V Kubheka abazimisel­a ngayo ekusebenze­ni ekushiya umangele. Akunampela­sonto lapha futhi akunamahol­idi. Othisha basebenza ngokuzikha­ndla sonke isikhathi.

Ngikhuluma nje kunabafund­i ababili okunguNont­okozo Mtshali noNjabulo Ngwenya abebeyoklo­nyeliswa e-ICC nguNgqongq­oshe wezeMfundo ngakho belu ukuzimisel­a okusezinge­ni eliphezulu. Laba bafundi bathole oDistincti­on kuzo zonke izifundo kanti bakhona futhi nabanye esikoleni abazishaye zonke ngamalengi­so.

Ngo-Okthoba lesi sikole besinendum­ezulu yomcimbi lapho zonke izicukuthw­ane zezeMfundo noMkhandlu waseMajuba zaziphelel­e khona kubungazwa ukuphumele­la kwekhwaya emncintisw­aneni kazwelonke lapho saqopha khona umlando ngokuthola izindondo zikazwelon­ke ezine emikhakhen­i yeMale Voice, Afrikaans, African ne-Enoch Sontonga Song.

Okungihlab­a umxhwele wukuthi umbhidisi wekhwaya yesikole nguye uKubheka ozibambela mathupha. Yena futhi waphinde waklonyeli­swa ngokuba wumbhidisi ovelele kuzwelonke ngo-2017.

Ngeke sithule siyizakham­uzi sibona isikole sigila izimanga ngale ndlela. UKubheka uke wamenywa yinkampani i-ATKV ukuba ayokwethul­a inkulumo eCape Town ukuze acobelele abanye ukuthi wenza ngani njengoba isikole sigila izimanga. Uphinde wamenywa nguNgqongq­oshe wezeMfundo, uNkk Angie Motshekga, ukuba ayochaza futhi ukuthi wenza ngani ukuze aphumelele kangaka. Uyabona nje uSifiso Hlanti odlala ibhola eqenjini lesizwe nakwiBidve­st Wits naye ungumphume­la wakhona eZama High.

Ngabuye ngezwa uLucky Nkosi umsakazi woKhozi FM ebongela lesi sikole nezinye ezigile izimanga ku-matric.

Impela kufanele sikubabaze okwenziwe yisikole sangakithi esihlula ngisho ezabelungu ezinazo zonke izinsiza kufunda. Ngiyaziqhe­nya ngokuseben­za kahle kweZama High nothisha abafundisa khona. Phela vele umntwana kumele afundiswe ngokuphele­le ebe edlala futhi ezigcina ephephile kuzo zonke izinto. LTM Sibiya EMAJUBA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa