Isolezwe

OweLio namap

- NOKUBONGWA PHENYANE

UNGOMUNYE wabaculi besifazane abangene kwezwakala endimeni yomculo wokholo, ngengoma yakhe ethi, Lion Of Judah.

ULebo Sekgobela (36), bese ziningi izikhathi ngihlangan­a naye emicimbini yezindondo asuke eqokwe kuyona kuleli kodwa abuye kuyo elambatha.

Le ntokazi ezalwa eSebokeng, eGoli ishade noLucky Sekgobela, banamadoda­kazi amabili nendodana eyodwa.

Uma ngikhuluma naye ngimbuza indlela aziwa ngayo ngokuhlulw­a kwakhe ubengiphen­dula emoyizela angitshele ukuthi konke uNkulunkul­u ukwenza ngesikhath­i sakhe.

Ngonyaka odlule emcimbini, amaCrown Gospel Music Awards, uLebo wakhala wemuka nendondo yeBest Gospel Album.

Kulo mcimbi wakhala izinyembez­i ngendlela ayejabule ngayo wagcina engakwazi ukukhuluma esiteji izinyembez­i zizehlela nje.

Ngikhuluma naye ngemuva kwalo mcimbi wathi ubengasath­embi ukuthi uyoke ahlomule ngendondo.

Ubusuku awina ngabo wathi ngeke abukhohlwe njengoba le ndondo ayithola ehamba namadodaka­zi akhe, angajwayel­e ukuhamba nawo emicimbini emikhulu.

Ngibone kungcono ukuthi uqala nje unyaka ngibe nenkulumo ekhethekil­e naye, ngizwe ukuthi uhlele ukwenzani kulo nyaka empilweni yakhe njengoba engumama futhi eshadile.

Unandise emicimbini eminingi emikhulu ngo-2016 no-2017.

ULebo uthe kulo nyaka maningi amaphupho akhe afuna ukuwafeza endimeni yomculo.

“UNkulunkul­u uhambe nami selokhu ngangena endimeni yomculo. Ukuwina indondo yami yokuqala nge-albhamu ehamba phambili kuleli endimeni yomculo, kwasho lukhulu kimina futhi kungenze ngacabanga ukuthi kumele ngiqhubeke ngisebenze kanzima nakulo nyaka,” kuchaza uLebo.

Uthe njengoba uqala unyaka nje uzohlangan­a netsha eyahlukene kuleli ephase u-matric, ayisize ukuthi ingafaka kanjani izicelo zokufunda ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme.

“Ngibona

 ??  ?? ULEBO Sekgobela useveze ukuthi k engasafuni ukuhlehla kulo mkhak albhamu akhe ngisho emotweni
ULEBO Sekgobela useveze ukuthi k engasafuni ukuhlehla kulo mkhak albhamu akhe ngisho emotweni

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa