Isolezwe

Usazoqhube­ka nokubonaka­la kwithelevi­shini oshiya uMuvhango

- NOKUBONGWA PHENYANE

USAZOQHUBE­KA nokubonaka­la kwithelevi­shini obengumlin­gisi weMuvhango, uBuhle Samuels olingisa indawo kaMatshidi­so kulo mdlalo, oveze ukuthi uyashiya kuwo maduze.

Le ntokazi ebisinemin­yaka emihlanu kulo mdlalo iveze ukuthi ishiya kuwo nje ngoba ifuna ukukhula kwezinye izinto ezithinta ithelevish­ini.

Enkulumeni abe nayo neSolezwe uthe umculo ngenye yezinto afuna ukugxila kuzona kakhulu.

“Noma ngingeke ngiveze manje ukuthi ngizokwenz­ani ngempela kodwa kuthelevis­hini ngisazobon­akala ngenza izinto ezahlukene abantu akade bengacaban­gi ukuthi ngiyakwazi ukuzenza. Ngiyabonga kakhulu ithuba engilithol­e kulo mdlalo njengoba ngifunde okuningi futhi kube yiwona owokuqala ukugqamisa ithalete lami ekulingise­ni,” kuchaza uBuhle. Uthe ngisho ekulingise­ni usazobonak­ala kodwa okwamanje akukabi bikho okubambeka­yo.

“KuMuvhango ngigcine ukuqopha ngonyaka odlule ngoSepthem­ba. Ngakho nami angikakazi ukuthi ngizogcina nini ukubonakal­a kulo mdlalo,” kusho uBuhle.

Kwenzeka lokhu nje ngoLwesibi­li uPhindile Gwala obelingisa indawo kaNoni ubegcina ukubonakal­a kulo mdlalo.

U-Amanda Ngudle okhulumela lo mdlao ukuqinisek­isile ukuthi le ntokazi ibisivalel­isa kulo mdlalo.

UPhindile wamemezela izindaba zokushiya kuwo ngonyaka odlule.

Muva nje kuvele ukuthi kukhona ifilimu akade eyiqopha phesheya kwezilwand­le.

Omunye umlingisi ogcine ukubonakal­a kuleli sonto uThando Thabethe obelingisa indawo kaNolwazi kwiGenerat­ions: The Legacy.

 ??  ?? INTOKAZI ebichaa iningi labesilisa ngedlela umzimba wayo owakhiwe ngayo uBuhle Samuels isiveze ukuthi iyashiya emdlalweni iMuvhango njengoba kukhona izinto efuna ukugxila kuzo okukhona kuzo umculo
INTOKAZI ebichaa iningi labesilisa ngedlela umzimba wayo owakhiwe ngayo uBuhle Samuels isiveze ukuthi iyashiya emdlalweni iMuvhango njengoba kukhona izinto efuna ukugxila kuzo okukhona kuzo umculo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa