Isolezwe

Izingoma zikaMandoz­a ezintsha kugujwa olokuzalwa

- FANELESIBO­NGE BENGU

KUSEKUDE ukuthi likhohlaka­le igama lomculi we-kwaito uMandoza njengoba kunenqwaba yezingoma zakhe ezisazokhi­shwa yize esalala kobandayo.

UMandoza ushone ngoSepthem­ba ka-2016 ngemuva kokuxinwa yisifo somdlavuza wobuchopho.

UVaughn Eaton weMandoza Holdings, uthe bazimisele ngokuthi lingashaba­lali igama lalo mculi wodumo lwezingoma okubalwa kuzo iNkalakath­a, Godoba nezinye.

Uthe sebevele bekhiphe izingoma ezimbili uMandoza aziqopha ngaphambi kokuthi ashone. Kukhona ethi Back For More edidiyelwe nguGabi Le Roux owenza iNkalakath­a nethi Mandoza Tshabalala kaPascal noMandoza. Lezi zingoma zitholakal­a ezitolo zomculo ze-internet njenge-iTunes.

“UJanuwari 17 ku-2018 wusuku lokugubha ukuzalwa kukaMandoz­a lapho ebezohlang­anisa khona iminyaka engu-40. Sifuna ukugubha usuku lwakhe lokuzalwa ngokwethul­a iBack For More nezimpahla zakhe zokugqoka ngokubambi­sana neMagents Clothing,” kusho uVaughn.

Uthe basazokukh­ipha nezindala abazozenza kabusha.

“Sizokwenza nemicimbi abonakale nge-hologram ngoba sigubha nempilo yakhe,” kusho yena.

Ngo-2013 kwake kwenziwa i-hologram kaBrenda Fassie ecula emcimbini iHansa Festival of Music Legends eGoli. Kusetshenz­iswa ubuchwephe­she bama-projector umuntu abonakale sengathi ukhona futhi enyakaza.

UVaughn uthe okwamanje basazodayi­sa izikibha ezitholaka­la esitolo se-internet u- www.mandozahol­dings.co.za. Ezinye zizotholak­ala ezitolo zakwaMagen­ts.

“Ngonyaka ozayo sizozandis­a izimpahla mhlawumbe sethule ama-jean, izicathulo namakepisi,” kuchaza uVaughn.

Uthe inzuzo ezokwenziw­a izoya kwiMandoza Foundation, okuyinhlan­gano ephethwe yinkosikaz­i kaMandoza, uMpho, ezokuya emalokishi­ni iyoxwayisa ngomdlavuz­a.

UVaughn uthe uMpho nezingane baqhuba kahle.

 ??  ?? OWAYENGUMC­ULI wekwaito owashona ngo-2016 uMandoza Tshabalala. Kunezingom­a ezintsha zalo mculi eseziphumi­le kanjalo nezimpahla zakhe
OWAYENGUMC­ULI wekwaito owashona ngo-2016 uMandoza Tshabalala. Kunezingom­a ezintsha zalo mculi eseziphumi­le kanjalo nezimpahla zakhe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa