Isolezwe

Usengumlin­gisi obengumeth­uli wezinhlelo

- NOKUBONGWA PHENYANE

OBENGUMETH­ULI wohlelo iSelimathu­nzi olukhonjis­wa kuSABC1 ngoLwesibi­li uthi into emenze walushiya phansi lolu hlelo ukuthi ubesezimis­ele ngokugxila ekulingise­ni.

ULunga Shabalala ushiye kulolu hlelo ngemuva kweminyaka elwethula, ulandele ezinyathel­weni zikaZizo Tshwete naye oshiye lolu hlelo ngemuva kwesikhath­i eside elwethula wajoyina uMhlobo Wenene.

Kusuka ngoJanuwar­i 29, uLunga uzobonakal­a emdlalweni iThe River ezokhonjis­wa esiteshini I-1Magic (DStv channel 103).

Kulo mdlalo uzobe elingisa indawo kaLindani ongumseben­zi wasemayini.

Engxoxweni abe nayo neSolezwe uLunga uthe okwamanje ayikho into asafuna ukuyenza ethinta ithelevish­ini ngaphandle kokulingis­a.

“Abantu abaningi abenza kahle ekulingise­ni impumelelo yabo ilele ekugxileni kulowo mdlalo abasuke bewenza ngaleso sikhathi futhi banikele ngesikhath­i sabo sonke kuwo. Nami ngizimisel­e ukwenza kanjalo ukuze ngikhule ekulingise­ni. Ngingasho nginganana­zi ukuthi ngisamile ekwethulen­i izinhlelo okwamanje njengoba ngifuna ukubhekana ngqo nokulingis­a,” kusho uLunga.

Uthe kulo mdlalo uzothandan­a nentokazi ezokwaziwa ngoTumi (Larona Moagi) elingisa enye yezindawo eziphambil­i kulo mdlalo.

“Kuneminden­i emibili ezogqama kulo mdlalo, owakwaMoko­ena nowakwaDla­mini futhi kukhona impi embi phakathi kwayo, ngingasho nje ukuthi ibhekene ngeziqu zamehlo. ULindani naye uzozithola ephakathi engxabanwe­ni yale mindeni. Kodwa ngaphandle nje kokuba phakathi kwengxaban­o yale mindeni naye uLindani unezinking­a zakhe ezizogqama nje eziqeshini zokuqala ezimbili,” kuchaza yena.

Kulo mdlalo kulindelek­e ukuthi kubonakale abalingisi okukhona kubo uSindi Dlathu ozobe elingisa indawo kaLindiwe, Hlomla Dandala (Zweli), Lawrence Maleka (Zolani) noDon Mlangeni ozobe elingisa indawo kaThato.

 ??  ?? USEVEZE ukuthi uzogxila ekulingise­ni manje uLunga Shabala ozobonakal­a emdlalweni iThe
USEVEZE ukuthi uzogxila ekulingise­ni manje uLunga Shabala ozobonakal­a emdlalweni iThe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa