IBasetsana neNigeria kowokuhlungela eyomhlaba
KUMELE lenze osekwehlule amaqembu amaningi iqembu lesizwe lamantombazane lebhola lika-Under 20 uma lizimisele ngokungena emlandweni liye kwiNdebe yoMhlaba okokuqala.
IBasetsana izobhekana neNigeria emzuliswaneni wokugcina wokuhlunga emilenzeni emibili. Umlenze wokuqala use-Old Peter Mokaba Stadium, eLimpopo kusasa ngo-3 ntambama, owesibili usekuhambeni ngempelasonto kaJanuwari 27/28.
INingizimu Afrika neNigeria banomlando kunobhutshuzwayo njengoba kungekho ofuna ukwehlulwa. Kodwa umlando uvuna iNigeria.
INdebe yoMhlaba iseFrance ngo-Agasti. Ngo-2015 kuhlungelwa iNdebe yoMhlaba eyayisePapau New Guinea ngo-2016, iNigeria iyona eyama endleleni yeBasetsana inqoba ngo 3-1 sekuhlanganiswe yomibili imilenze.
Umqeqeshi weBasetsana, uMaude Khumalo, uthe ukuba yimbumba yikona okuzosiza iqembu lakhe.
“Ukuqina ngokomqondo nokusebenzisana njengeqembu yikona okuzoba wukhiye ekutheni sinqobe,” kusho uKhumalo.
Uthe njengoba abanye abadlali bengenaso isipiliyoni sokubhekana neNigeria wenza konke okusemandleni ukuthi bangayizwa ingcindezi yalo mdlalo.
“Kumele ngibavikele abadlali bami yonke ingcindezi ithwalwe yimina. Abanye abadlali bayaqala ukubhekana neNigeria kanti abanye bebekhona sidlala nayo okusho ukuthi bayakwazi okumele bakulindele kuyona.”
IBasetsana idlule kwiNamibia neBurundi ukuze ifike kulesi sigaba kanti iNigeria ibhekane neTanzania neMorocco. Iqembu elizonqoba lapha lizobe selithole ithikithi eliya eFrance. Amanye amaqembu azobe ebanga indawo yiGhana neCameroon kwazise i-Afrika inezikhala ezimbili kulo mqhudelwano.
Khonamanjalo iBanyana Banyana imenywe ukuyodlala kwiCyprus Cup eqala ngoFebhuwari 26 kuya kuMashi 7 okuwumqhudelwano odlalwa amazwe angu-12.
Elakuleli, osekungokwesithupha libamba iqhaza kulo mqhudelwano, liqhathwe kuGroup C neHungary, Slovakia neTrinidad and Tobago.