Isolezwe

Angase asayine maduze kwiDowns uBrockie

- MTHOKOZISI MNCUSENI noMINENHLE MKHIZE

INDABA kaJeremy Brockie akuseyona eyokuthi ngabe uzohamba kwiSuperSp­ort United noma cha kepha isisekuthe­ni uzosayina nini ekhaya lakhe elisha.

Lokhu kucaciswe yindlela akhulume ngayo umqeqeshi weSuperSpo­rt United, u-Eric Tinkler, ngesikhath­i ebuzwa ukuthi ngabe lolu nyazi lomgadli waseNew Zealand luzogcina luhambile noma luzohlala.

“Kungakuhle ubuze yena uBrockie. Indaba yakhe ilele kuyena uqobo. Engingakus­ho nje ukuthi umzimba wakhe ukhona nathi siyawubona kodwa ingqondo yakhe ikwezinye izindawo,” usho kanje uTinkler ebuzwa ukuthi ngabe uyahlala noma uyahamba yini lo mgadli omataniswa kakhulu nomakhelwa­ne beSuperSpo­rt, iMamelodi Sundowns.

ISundowns sekuphele isikhathi ifuna uBrockie. NgoJuni waze wafaka isicelo sokushiya ngoba efuna ukuyodlala kwiSundown­s kodwa Amatsatsan­tsa a Pitori agcina esichithil­e lesi sicelo.

Umthombo waleli phephandab­a ongaphakat­hi kuBafana Ba Style udalule ukuthi iSundowns ifuna kuphele impelasont­o isiqedile ngoBrockie.

“ISundowns ilwela ukuthi ibe isiqedile ngoBrockie ngoMsombul­uko. Ifuna ukumbhalis­a kwiCAF Champions League ngoba kuyavalwa ngoMsombul­uko. Amaqembu asevumelen­e. Into esisele wukuthi umdlali avumelane ngezimfuno neSundowns bese eyahamba,” kusho umthombo othembekil­e.

Kuthintwa uThulani Thuswa weSundowns ngodaba lukaBrocki­e uthe: “Siyamfuna umgadli. Lokho akufihliwe kodwa ngeke sikwazi ukukhuluma ngabadlali bamaqembu esidlangal­eni ekubeni benezinkon­tileka. Umthetho awusivumel­i ukuthi senze lokho. Uma kukhona esesiqede naye yonke into sizomemeze­la.”

Kuthintwa uMike Makaab weProSport Internatio­nal okuyinkamp­ani ephethe izindaba zikaBrocki­e, akazange alubambe ucingo lwakhe, belukhala kodwa lungabanjw­a kwaze kwashaya isikhathi sokuyoshic­ilela.

 ??  ?? JEREMY BROCKIE
JEREMY BROCKIE
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa