Isolezwe

UManyisa akanalo uvalo ngezakhe nePirates

- MINENHLE MKHIZE

AKASIBONI isimanga ngokubheka­na neqembu lakhe lakudala umdlali weMamelodi Sundowns u-Oupa “Ace” Manyisa.

Kusasa ngo-3.30 ntambama iSundowns izobhekana nePirates emdlalweni we-Absa Premiershi­p eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli. UManyisa udlale isikhathi eside kwiBucs. Ugijime kuleli qembu iminyaka eyisishiya­galolunye.

Ufike ngo-2008 waze wahamba ngonyaka odlule. Ukhale wemuka nezicoco ezimbili ze-Absa Premiershi­p, ezimbili zeNedbank Cup, ezimbili zeMTN 8 neseTelkom Knockout.

UManyisa uke wabamba ngisho ibhande likakapute­ni kwiPirates. Exoxa neSundowns, uManyisa ukubeke kwacaca ukuthi akasiboni isimanga ngokubheka­na nePirates.

“Ukubhekana nePirates, akukwenzi lokho kube yinto ethusayo kimina. Ukudlala ibhola kuyingxeny­e yomsebenzi wami. Kumele ngingene enkundleni ngithokoze­le umsebenzi wami ngokufaka isandla ekutheni iqembu liphumelel­e. Okunye-ke akumele ngizikhath­aze ngakho. Ukuthi sidlala nePirates akuyona into engizihlup­ha ngayo. Angisekho kwiPirates manje senginekha­ya elisha,” kusho uManyisa.

Ngesizini edlule uManyisa ubekwiPira­tes ngesikhath­i iSundowns ilobola eZimnyama ngo 6-0 eLoftus koweligi. ISundowns iyona eqhwakele njengamanj­e. Isiqoqe amaphuzu angu-31 emidlalwen­i engu-16 yeligi. Ivule igebe lamaphuzu amane kwiPolokwa­ne City esendaweni yesibili.

Ngakolunye uhlangothi iPirates isendaweni yesihlanu ngamaphuzu angu-23 emidlalwen­i engu-16. IBucs isele ngamaphuzu ayisishiya­galombili kwiSundown­s.

“Yebo sihlezi esicongwen­i kodwa kumele sikuqonde ukuthi ibanga okusamele silihambe liselide. Into emqoka wukubhekan­a nomdlalo owodwa ngesikhath­i. Yonke imidlalo esiyidlala­yo kumele sizinikele ngokuphind­iwe. Angazi ukuthi yini okumele siyilindel­e kwiPirates.

“Bayiqembu eliyingozi. Badlala ibhola elimnandi elihehayo futhi lokho bakukhombi­sile beshaya iBaroka FC ngesonto eledlule. Abakwenzay­o abafunesel­i ngakho. Thina kumele sigxile kithina hhayi kwiPirates. Okwethu wukuthi siqhubeke nezinto ezinhle ebesilokhu sizenza emidlalwen­i eyedlule,” kusho uManyisa.

Ngomzulisw­ano wokuqala iSundowns ithele othulini iPirates ngo 3-1 koweligi.

“Into ebingenza ngihlale ngilangaze­lele ukubhekana neSundowns ngesikhath­i ngisekwiPi­rates yingoba inkundla ibihlale igcwele. Ngikukhonz­ile ukudlala enkundleni egcwele izihlwele. Ngeke ngiwaqhath­anise la maqembu amabili nomdlalo weKaizer Chiefs nePirates. Kowabakhay­a bahlale bekhala ngokugqoza kwamagoli kodwa lo mdlalo uhlale uvulekile futhi unamagoli. Womabili amaqembu ayahlasela­na. Alikho iqembu elihlala emuva ngoba womabili amaqembu ayahlasela­na ngoba asuke efuna ukuwina umdlalo,” kuphetha uManyisa.

 ??  ??
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMDLALI weMamelodi Sundowns u-Oupa Manyisa uzobhekana neqembu lakhe elidala i-Orlando Pirates emdlalweni we-Absa Premiershi­p eLoftus Stadium, kusasa ngo-3.30 ntambama
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMDLALI weMamelodi Sundowns u-Oupa Manyisa uzobhekana neqembu lakhe elidala i-Orlando Pirates emdlalweni we-Absa Premiershi­p eLoftus Stadium, kusasa ngo-3.30 ntambama
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa