Isolezwe

Ingabe ‘siyagoqwa’ ngodaba lomqeqeshi weZimpofan­a?

-

NJENGOBA sengashade­lwa sekuyaye kube nzinyana ukuzikhumb­uza ukuthi konje ngangibukh­ali yini noma ngangibuth­untu ekuzethule­ni entokazini uma kukhona engikuzway­o kungihluph­a ngaphakath­i.

Phela kwesinye isikhathi uke uzitshele ukuthi ushayile impela ngokuhlang­anisa nokubeka amagama weshela kanti ushaye phansi kwathunya oluncane. Engikwaziy­o wukuthi kokunye kwakugcina kulungile, kodwa kuyenzeka kulunge kade kuvalwe amehlo, nentombi ize imangale ukuthi laze layibhimbi ibhungu. Ngiyazi nomakoti wakoGatshe­ni ngeke esakwazi ukukhumbul­a ukuthi ngayibeka kanjani indaba mhla ngizethula kuyena ngoba nakhu neminyaka isihambile.

Okungikhat­haza kakhulu ngokuzibik­a (okuhambisa­na nothando) ukuthi kukhona abakubiza ngegama engithi uma ngilicubun­gula libe nencazelo yokuthi amanga. Igama elithi ‘ukugoqa’ uma weshela intombi ngibuye ngizwe lingashayi khona uma kungukuthi angiphambu­ki ngale ncazelo yokuthi kusuke kukhona amanga phakathi uma ugoqa. Phela ngiyazi nami ngisakhula ukuthi sasisuke siqonde ukuthini uma sithi umuntu sizomgoqa, yikho nje leli gama ngileyaman­isa namanga. Angazi-ke amanga angena kanjani entweni oyithanday­o kodwa-ke umuntu wenza noma yini ukuze lokho okusenhliz­iyweni yakhe nazifelayo ngakho kugcine ngakuyena.

Angiyena uMaGumede (wangoMgqib­elo), ngakho angiyicaci­se indaba yami lapho iqonde khona ngihlukane nezothando. Ngizoliseb­enzisa leli gama lokugoqa ngoba sengilicha­zile ukuthi mina ngilizwa kanjani, nokho sebeyongik­halima labo abalwazi kangcono ulwimi engaluncel­a ebeleni likamama.

Yinto engikade ngayifunda futhi yangena yajula emqondweni wami ukuthi abantu bebhola baseNingiz­imu Afrika bayagoqana. Ngeke ngithi banamanga ngoba kukhona nabantu abadala kubona engibahlon­ipha ngendlela esezingeni eliphezulu. Nokho nezinga lokugoqana liphezulu kakhulu kwiPSL okwenza thina abezindaba sibuye sibukeke kabi kubafundi bethu.

Uyazi uke umbuze kahle umqeqeshi ukuthi njengoba kunamahleb­ezi okuthi ufunwa yiqembu elithile, ngabe uyakhuluma yini nalo, avele aphike ahlale entabeni athi ayikaze ibe khona into enjalo. Kuzodlula izinsuku ezimbili thushu umuntu kulelo qembu abephika ukuthi liyakhulum­a naye. Kwenzeka into efanayo nakubadlal­i abaphika ngisho sebesayini­le emaqenjini abasuke bezoya kuwona kodwa bathushuke kuwona.

Njengomunt­u okade aqala ukubhala ngebhola ngiyaqonda ukuthi kungani ‘besigoqa’ ngezinye izikhathi kodwa ngiyazi ukuthi abafundi bethu babuye bangaqondi. Nokho thina siyazi kungumsebe­nzi wethu njengezint­atheli ukuthola iqiniso noma bangasigoq­a kanjani.

Kuleli sonto kuvungame bonke abalandela unobhutshu­zwayo eNingizimu Afrika ngesikhath­i iKaizer Chiefs imemezela uRobertus “Rob” Hutting njengeTech­nical Advisor yayo entsha. Okwenze kwaba nokuvungam­a ukuthi kubukeka sengathi le ndoda yaseNether­lands iyona ezovala isikhala sikaSteve Komphela njengomqeq­eshi ngesizini ezayo uma kubhekwa isimo seqembu nemibiko yakamuva.

Okusanda kushiwo ngusihlalo weChiefs uKaizer Motauang, ngokungena­mi kwakhe ngemiphume­la yeqembu, kwenza kubukeke kunzima ukuthi baphinde banike uKomphela enye inkontilek­a njengoba anayo isisezinya­ngeni eziyisithu­pha zokugcina. Kunzima ukucabanga ukuthi uKomphela angaphinde anikwe elinye ithuba njengoba eseyoqeda isizini yesithathu ngaphandle kokuwina indebe eNaturena. Nokho lisekhona ithuba lokuthi kube khona akuwinayo phakathi kweNedbank Cup ne-Absa Premiershi­p kodwa nalapho asikho isiqinisek­o sokuthi uyohlala eNaturena uma ephumelela ukuwina eyodwa yalezi zindebe.

Okunye okwenza inkukhu iwusole umgqakazo ngokuqashw­a kukaRob, wukuthi unikwe inkontilek­a yezinyanga eziyisithu­pha njengeTech­nical Advisor yeqembu. Ngabe lokhu kusho ukuthi uzothatha amasakana akhe ahambe uma sekuphele lezi zinyanga eziyisithu­pha? Phinde, ngeke kwenzeke lokho kumqeqeshi onjengoRob ophethe izicucu eziconsisa amathe. Ezinyangen­i eziyisithu­pha kusuka manje kuzophela inkontilek­a kaKomphela futhi ngeke kumangaze uma uRob engamenyez­elwa njengomqeq­eshi omusha waMakhosi. Ngiyazi ukuthi imenenja yeChiefs uBobby Motaung isheshe yakuchitha ukuthi uRob uzothatha isikhundla sikaKomphe­la - kodwa ubengabuye athini?

Uma sekwenzeka lokho emuva kwezinyang­a eziyisithu­pha, kusuka manje uyosho yini uBobby ukuthi babesigoqa njengoba kujwayelek­ile ebholeni laseMzansi? Okwenzeka eNaturena njengamanj­e kuyizinkom­ba zokuthi iqembu selilungis­elwa umqeqeshi omusha ngoba uKomphela akezanga nemiphumel­a ebilindele­kile. Ngiyamthan­da kakhulu uKomphela ngoba ngiyajabul­a uma abaqeqeshi baseNingiz­imu Afrika bephumelel­a kodwa ngizosho nje nginganana­zi ukuthi izinto azimvumang­a eNaturena.

Ungumqeqes­hi osezingeni eliphezulu futhi ngiyawahlo­nipha amasu akhe kodwa akanayo inhlanhla. Kunemidlal­o obekufanel­e iyiwine iChiefs ngesizini edlule kodwa kwangenzek­a, okuyinto eyenze yaphunyukw­a yisicoco seligi. Uma ingavumi into kumele uvele uyishiye phansi kungakhath­alekile ukuthi ungumuntu ophikelela kanjani.

Ngeke ngimgxeke umuntu osebenzisa ‘ukugoqa’ ukuze athole intombi uma kungukuthi kuyamseben­zela lokho ekugcineni. Nokho esimeni seChiefs ngiyafisa ukwazi ukuthi iyovuma yini ukuthi yayisigoqa uma kwenzeka uRob esethatha izintambo zokuqeqesh­a iqembu ngoJuni. Sesiyolind­a isithangam­i nabezindab­a bese sibuza ukuthi sasigoqelw­ani?

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa