IChiefs ichitha isicelo sikanozinti
I-KAIZER Chiefs iyasichitha isiphakamiso sikanozinti wayo uBrilliant Khuzwayo sokuqinisekisa ukuthi uzohlukaniselana imidlalo nozakwabo u-Itumeleng Khune ngaphambi kokuthi avuselele inkontileka yakhe.
UKhuzwayo ulizwa ngendaba ijezi kwazise uKhune nguyena ovimba cishe kuyona yonke imidlalo yeChiefs kusukela kuqale isizini ka-2017/2018. Inkontileka kaKhuzwayo neChiefs iyaphela ngoJuni.
Sekuvele kunamaqembu azimisele ukumsayinisa okubalwa kuwona iCape Town City ephekwa nguBenni McCarthy. Emasontweni edlule uKhuzwano uphakamise ukuthi anikwe isiqiniseko sokuthi uzohlukaniselana imidlalo noKhune ngaphambi kokusayina inkontileka entsha. UKhuzwayo nemenenja yakhe bafuna kusetshenziswe indlela yamanye amaqembu aphesheya kwezilwandle lapho omunye unozinti evimba khona imidlalo yeligi, omunye avimbe eyomkhumulajezi. KwiManchester United yase-England uzoninti wase-Argentina uSergio Romero uvimba imidlalo yezindebe kuthi uDavid de Gea waseSpain ayibambe emidlalweni yeligi.
Esithangamini nabezindaba ngoLwesithathu eNaturena, imenenja yeChiefs, uBobby Motaung, isichithile isiphakamiso sikaKhuzwayo.
“Siyakhuluma nabadlali abangasitholi isikimu, ngeke ngiwasho amagama. Okwamanje alikho iqembu elisasithintile ngoKhuzwayo. Siyakhuluma nemenenja yakhe futhi sethemba ukuthi sizofinyelela esivumelwaneni. Ngicabanga ukuthi nathi sibe nesandla kakhulu ekuthuthukiseni uKhuzwayo. Kubuhlungu ukuthi indawo kanozinti ayishintshwa kalula, kunombango omkhulu,” kusho uMotaung.
“Ukushintshanisa onozinti kunzima. Ungunozinti oseqophelweni okungabusa yena eNingizimu Afrika nakunoma yiliphi iqembu angaya kulona. Kodwa ebholeni kunombango (wejezi) akulula ukushintshanisa abadlali. Kufanele asebenze kanzima, ayilwele indawo yakhe.”
Umqeqeshi, uSteve “Mphathi” Komphela ungenele wathi: “Kunzima uma ungumqeqeshi. Ukubashintshanisa kulungile kodwa ngokwesimo ngeke kwenzeke. Uma ungumqeqeshi ngeke uzibophezele kulokho.”
Ngaphandle kukaKhuzwayo noKhune, iChiefs inabanye onozinti abasebancane uBrylon Lee Peterson noBruce Bvuma olitholile ithuba lokuvimba ngesizini edlule. UBvuma uthole ithuba emuva kokulimala kukaKhune noKhuzwayo. UMotaung uthinte indaba yenkontileka kaKomphela ezophela ekupheleni kwesizini.
“Inkontileka kaSteve sisasebenza ngayo. Njengoba wazi ukuthi ufike walishintsha iqembu. Ngebhadi akakaphumeleli kwesimbekele khona okuwukuwina iligi nezindebe. Kodwa uma ubheka ukushintsha kweqembu nohlaka lwalo, usenze umsebenzi omkhulu emuva kokuthatha kuStuart Baxter. Ukuxhumanisa iqembu elikhulu nenkuluisa kuwumsebenzi omkhulu, ongeke uvuke ekuseni usuwenzile. Ubekezele kakhulu. Iqembu selinendlela yalo elidlala ngayo. Ngebhadi umqeqeshi wahlulelwa ngempumelelo nezinkomishi. Yikho sizama ngayo yonke indlela ukumeseka. Ngokuhamba kwesikhathi sizophumela obala ngenkontileka yakhe,” kusho uMotaung.
IChiefs izobhekana nePolokwane City emdlalweni weligi eFNB Stadium, kusasa ngo-8.15 ebusuku.