Isolezwe

IBasetsana neNigeria kowokuhlun­gela eyomhlaba

- LUNGILE MAJOKA

KUMELE lenze osekwehlul­e amaqembu amaningi iqembu lesizwe lamantomba­zane lebhola lika-Under 20 uma lizimisele ngokungena emlandweni liye kwiNdebe yoMhlaba okokuqala.

IBasetsana izobhekana neNigeria emzuliswan­eni wokugcina wokuhlunga emilenzeni emibili. Umlenze wokuqala use-Old Peter Mokaba Stadium, eLimpopo kusasa ngo-3 ntambama, owesibili usekuhambe­ni ngempelaso­nto kaJanuwari 27/28.

INingizimu Afrika neNigeria banomlando kunobhutsh­uzwayo njengoba kungekho ofuna ukwehlulwa. Kodwa umlando uvuna iNigeria.

INdebe yoMhlaba iseFrance ngo-Agasti. Ngo-2015 kuhlungelw­a iNdebe yoMhlaba eyayisePap­au New Guinea ngo-2016, iNigeria iyona eyama endleleni yeBasetsan­a inqoba ngo 3-1 sekuhlanga­niswe yomibili imilenze.

Umqeqeshi weBasetsan­a, uMaude Khumalo, uthe ukuba yimbumba yikona okuzosiza iqembu lakhe.

“Ukuqina ngokomqond­o nokusebenz­isana njengeqemb­u yikona okuzoba wukhiye ekutheni sinqobe,” kusho uKhumalo.

Uthe njengoba abanye abadlali bengenaso isipiliyon­i sokubhekan­a neNigeria wenza konke okusemandl­eni ukuthi bangayizwa ingcindezi yalo mdlalo.

“Kumele ngibavikel­e abadlali bami yonke ingcindezi ithwalwe yimina. Abanye abadlali bayaqala ukubhekana neNigeria kanti abanye bebekhona sidlala nayo okusho ukuthi bayakwazi okumele bakulindel­e kuyona.”

IBasetsana idlule kwiNamibia neBurundi ukuze ifike kulesi sigaba kanti iNigeria ibhekane neTanzania neMorocco. Iqembu elizonqoba lapha lizobe selithole ithikithi eliya eFrance. Amanye amaqembu azobe ebanga indawo yiGhana neCameroon kwazise i-Afrika inezikhala ezimbili kulo mqhudelwan­o.

Khonamanja­lo iBanyana Banyana imenywe ukuyodlala kwiCyprus Cup eqala ngoFebhuwa­ri 26 kuya kuMashi 7 okuwumqhud­elwano odlalwa amazwe angu-12.

Elakuleli, osekungokw­esithupha libamba iqhaza kulo mqhudelwan­o, liqhathwe kuGroup C neHungary, Slovakia neTrinidad and Tobago.

 ??  ?? MAUDE KHUMALO
MAUDE KHUMALO

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa