Ingabe ‘siyagoqwa’ ngodaba lomqeqeshi weZimpofana?
NJENGOBA sengashadelwa sekuyaye kube nzinyana ukuzikhumbuza ukuthi konje ngangibukhali yini noma ngangibuthuntu ekuzethuleni entokazini uma kukhona engikuzwayo kungihlupha ngaphakathi.
Phela kwesinye isikhathi uke uzitshele ukuthi ushayile impela ngokuhlanganisa nokubeka amagama weshela kanti ushaye phansi kwathunya oluncane. Engikwaziyo wukuthi kokunye kwakugcina kulungile, kodwa kuyenzeka kulunge kade kuvalwe amehlo, nentombi ize imangale ukuthi laze layibhimbi ibhungu. Ngiyazi nomakoti wakoGatsheni ngeke esakwazi ukukhumbula ukuthi ngayibeka kanjani indaba mhla ngizethula kuyena ngoba nakhu neminyaka isihambile.
Okungikhathaza kakhulu ngokuzibika (okuhambisana nothando) ukuthi kukhona abakubiza ngegama engithi uma ngilicubungula libe nencazelo yokuthi amanga. Igama elithi ‘ukugoqa’ uma weshela intombi ngibuye ngizwe lingashayi khona uma kungukuthi angiphambuki ngale ncazelo yokuthi kusuke kukhona amanga phakathi uma ugoqa. Phela ngiyazi nami ngisakhula ukuthi sasisuke siqonde ukuthini uma sithi umuntu sizomgoqa, yikho nje leli gama ngileyamanisa namanga. Angazi-ke amanga angena kanjani entweni oyithandayo kodwa-ke umuntu wenza noma yini ukuze lokho okusenhliziyweni yakhe nazifelayo ngakho kugcine ngakuyena.
Angiyena uMaGumede (wangoMgqibelo), ngakho angiyicacise indaba yami lapho iqonde khona ngihlukane nezothando. Ngizolisebenzisa leli gama lokugoqa ngoba sengilichazile ukuthi mina ngilizwa kanjani, nokho sebeyongikhalima labo abalwazi kangcono ulwimi engaluncela ebeleni likamama.
Yinto engikade ngayifunda futhi yangena yajula emqondweni wami ukuthi abantu bebhola baseNingizimu Afrika bayagoqana. Ngeke ngithi banamanga ngoba kukhona nabantu abadala kubona engibahlonipha ngendlela esezingeni eliphezulu. Nokho nezinga lokugoqana liphezulu kakhulu kwiPSL okwenza thina abezindaba sibuye sibukeke kabi kubafundi bethu.
Uyazi uke umbuze kahle umqeqeshi ukuthi njengoba kunamahlebezi okuthi ufunwa yiqembu elithile, ngabe uyakhuluma yini nalo, avele aphike ahlale entabeni athi ayikaze ibe khona into enjalo. Kuzodlula izinsuku ezimbili thushu umuntu kulelo qembu abephika ukuthi liyakhuluma naye. Kwenzeka into efanayo nakubadlali abaphika ngisho sebesayinile emaqenjini abasuke bezoya kuwona kodwa bathushuke kuwona.
Njengomuntu okade aqala ukubhala ngebhola ngiyaqonda ukuthi kungani ‘besigoqa’ ngezinye izikhathi kodwa ngiyazi ukuthi abafundi bethu babuye bangaqondi. Nokho thina siyazi kungumsebenzi wethu njengezintatheli ukuthola iqiniso noma bangasigoqa kanjani.
Kuleli sonto kuvungame bonke abalandela unobhutshuzwayo eNingizimu Afrika ngesikhathi iKaizer Chiefs imemezela uRobertus “Rob” Hutting njengeTechnical Advisor yayo entsha. Okwenze kwaba nokuvungama ukuthi kubukeka sengathi le ndoda yaseNetherlands iyona ezovala isikhala sikaSteve Komphela njengomqeqeshi ngesizini ezayo uma kubhekwa isimo seqembu nemibiko yakamuva.
Okusanda kushiwo ngusihlalo weChiefs uKaizer Motauang, ngokungenami kwakhe ngemiphumela yeqembu, kwenza kubukeke kunzima ukuthi baphinde banike uKomphela enye inkontileka njengoba anayo isisezinyangeni eziyisithupha zokugcina. Kunzima ukucabanga ukuthi uKomphela angaphinde anikwe elinye ithuba njengoba eseyoqeda isizini yesithathu ngaphandle kokuwina indebe eNaturena. Nokho lisekhona ithuba lokuthi kube khona akuwinayo phakathi kweNedbank Cup ne-Absa Premiership kodwa nalapho asikho isiqiniseko sokuthi uyohlala eNaturena uma ephumelela ukuwina eyodwa yalezi zindebe.
Okunye okwenza inkukhu iwusole umgqakazo ngokuqashwa kukaRob, wukuthi unikwe inkontileka yezinyanga eziyisithupha njengeTechnical Advisor yeqembu. Ngabe lokhu kusho ukuthi uzothatha amasakana akhe ahambe uma sekuphele lezi zinyanga eziyisithupha? Phinde, ngeke kwenzeke lokho kumqeqeshi onjengoRob ophethe izicucu eziconsisa amathe. Ezinyangeni eziyisithupha kusuka manje kuzophela inkontileka kaKomphela futhi ngeke kumangaze uma uRob engamenyezelwa njengomqeqeshi omusha waMakhosi. Ngiyazi ukuthi imenenja yeChiefs uBobby Motaung isheshe yakuchitha ukuthi uRob uzothatha isikhundla sikaKomphela - kodwa ubengabuye athini?
Uma sekwenzeka lokho emuva kwezinyanga eziyisithupha, kusuka manje uyosho yini uBobby ukuthi babesigoqa njengoba kujwayelekile ebholeni laseMzansi? Okwenzeka eNaturena njengamanje kuyizinkomba zokuthi iqembu selilungiselwa umqeqeshi omusha ngoba uKomphela akezanga nemiphumela ebilindelekile. Ngiyamthanda kakhulu uKomphela ngoba ngiyajabula uma abaqeqeshi baseNingizimu Afrika bephumelela kodwa ngizosho nje ngingananazi ukuthi izinto azimvumanga eNaturena.
Ungumqeqeshi osezingeni eliphezulu futhi ngiyawahlonipha amasu akhe kodwa akanayo inhlanhla. Kunemidlalo obekufanele iyiwine iChiefs ngesizini edlule kodwa kwangenzeka, okuyinto eyenze yaphunyukwa yisicoco seligi. Uma ingavumi into kumele uvele uyishiye phansi kungakhathalekile ukuthi ungumuntu ophikelela kanjani.
Ngeke ngimgxeke umuntu osebenzisa ‘ukugoqa’ ukuze athole intombi uma kungukuthi kuyamsebenzela lokho ekugcineni. Nokho esimeni seChiefs ngiyafisa ukwazi ukuthi iyovuma yini ukuthi yayisigoqa uma kwenzeka uRob esethatha izintambo zokuqeqesha iqembu ngoJuni. Sesiyolinda isithangami nabezindaba bese sibuza ukuthi sasigoqelwani?