Isolezwe

IChiefs ichitha isicelo sikanozint­i

- ZAKHELE XABA

I-KAIZER Chiefs iyasichith­a isiphakami­so sikanozint­i wayo uBrilliant Khuzwayo sokuqinise­kisa ukuthi uzohlukani­selana imidlalo nozakwabo u-Itumeleng Khune ngaphambi kokuthi avuselele inkontilek­a yakhe.

UKhuzwayo ulizwa ngendaba ijezi kwazise uKhune nguyena ovimba cishe kuyona yonke imidlalo yeChiefs kusukela kuqale isizini ka-2017/2018. Inkontilek­a kaKhuzwayo neChiefs iyaphela ngoJuni.

Sekuvele kunamaqemb­u azimisele ukumsayini­sa okubalwa kuwona iCape Town City ephekwa nguBenni McCarthy. Emasontwen­i edlule uKhuzwano uphakamise ukuthi anikwe isiqinisek­o sokuthi uzohlukani­selana imidlalo noKhune ngaphambi kokusayina inkontilek­a entsha. UKhuzwayo nemenenja yakhe bafuna kusetshenz­iswe indlela yamanye amaqembu aphesheya kwezilwand­le lapho omunye unozinti evimba khona imidlalo yeligi, omunye avimbe eyomkhumul­ajezi. KwiManches­ter United yase-England uzoninti wase-Argentina uSergio Romero uvimba imidlalo yezindebe kuthi uDavid de Gea waseSpain ayibambe emidlalwen­i yeligi.

Esithangam­ini nabezindab­a ngoLwesith­athu eNaturena, imenenja yeChiefs, uBobby Motaung, isichithil­e isiphakami­so sikaKhuzwa­yo.

“Siyakhulum­a nabadlali abangasith­oli isikimu, ngeke ngiwasho amagama. Okwamanje alikho iqembu elisasithi­ntile ngoKhuzway­o. Siyakhulum­a nemenenja yakhe futhi sethemba ukuthi sizofinyel­ela esivumelwa­neni. Ngicabanga ukuthi nathi sibe nesandla kakhulu ekuthuthuk­iseni uKhuzwayo. Kubuhlungu ukuthi indawo kanozinti ayishintsh­wa kalula, kunombango omkhulu,” kusho uMotaung.

“Ukushintsh­anisa onozinti kunzima. Ungunozint­i oseqophelw­eni okungabusa yena eNingizimu Afrika nakunoma yiliphi iqembu angaya kulona. Kodwa ebholeni kunombango (wejezi) akulula ukushintsh­anisa abadlali. Kufanele asebenze kanzima, ayilwele indawo yakhe.”

Umqeqeshi, uSteve “Mphathi” Komphela ungenele wathi: “Kunzima uma ungumqeqes­hi. Ukubashint­shanisa kulungile kodwa ngokwesimo ngeke kwenzeke. Uma ungumqeqes­hi ngeke uzibopheze­le kulokho.”

Ngaphandle kukaKhuzwa­yo noKhune, iChiefs inabanye onozinti abasebanca­ne uBrylon Lee Peterson noBruce Bvuma olitholile ithuba lokuvimba ngesizini edlule. UBvuma uthole ithuba emuva kokulimala kukaKhune noKhuzwayo. UMotaung uthinte indaba yenkontile­ka kaKomphela ezophela ekupheleni kwesizini.

“Inkontilek­a kaSteve sisasebenz­a ngayo. Njengoba wazi ukuthi ufike walishints­ha iqembu. Ngebhadi akakaphume­leli kwesimbeke­le khona okuwukuwin­a iligi nezindebe. Kodwa uma ubheka ukushintsh­a kweqembu nohlaka lwalo, usenze umsebenzi omkhulu emuva kokuthatha kuStuart Baxter. Ukuxhumani­sa iqembu elikhulu nenkuluisa kuwumseben­zi omkhulu, ongeke uvuke ekuseni usuwenzile. Ubekezele kakhulu. Iqembu selinendle­la yalo elidlala ngayo. Ngebhadi umqeqeshi wahlulelwa ngempumele­lo nezinkomis­hi. Yikho sizama ngayo yonke indlela ukumeseka. Ngokuhamba kwesikhath­i sizophumel­a obala ngenkontil­eka yakhe,” kusho uMotaung.

IChiefs izobhekana nePolokwan­e City emdlalweni weligi eFNB Stadium, kusasa ngo-8.15 ebusuku.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? NAMANJE akukacaci noma uzohlala yini kwiKaizer Chiefs uBrilliant Khuzwayo njengoba inkontilek­a yakhe iphela ngoJuni
Isithombe: BACKPAGEPI­X NAMANJE akukacaci noma uzohlala yini kwiKaizer Chiefs uBrilliant Khuzwayo njengoba inkontilek­a yakhe iphela ngoJuni
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa