Isolezwe

Izikhisi zidala umonakalo omkhulu

-

KWASUKA futhi lokho, okuthi masishaye ama hazard sehle komunye phezu komunye kwazise unyaka uqalile. Sekuyilo uLwesihlan­u olungaliyo kwelakho eliwela umfula ugcwele. Sethembe ukuthi siwele ngokupheph­a nempumelel­o onyakeni omusha sha u-2018.

Sizibula unyaka ngokwalule­ka abashayeli ngomonakal­o ongadalwa yizikhisi emotweni yakho. Ngikhuluma nje uKhisimuzi ngiwudle endle emuva kokuthi ngithe ngisashosh­oloza ngomgwaqo uR614 phakathi koThongath­i neBhamshel­a KwaThusi ngaqhamuke­la esiseleni esijulile, ngathi ngiqamba ngiyibamba imoto yabe isiphonsek­ile kwaqhuma amasondo amabili kanyekanye.

Ngenhlanhl­a izingane zakithi ebengizigi­belisile azilimalan­ga nami futhi angitholan­ga mhuzuko. Yize benginaso isipele kodwa kudingeke ukuthi ngihambe ngiboleka amasondo kubantu abahamba ngezimoto ezigqokela­na neyakithi ngokwamaso­ndo. Yize le moto ifaka u-15” ngokwesida­lo sayo kodwa ngikwazile ukuthola u-14” onezimbono ezine njengayo le makwabo.

Mangikusho ukuthi emuva kokuthola isondolo lokubolekw­a ngisigqibe ngenhlabat­hi lesi sisele esibulala amasondo emoto yakithi. Ngibe sengicondo­bezela ngaya kithi. Ngenhlanhl­a izingane zami zonke, ngosizo lomngani wami, zikwazile ukufika ekhaya kuqala kunami ngesikhath­i ngisele endle ngitakuta imoto ngilekelel­wa abafowethu.

Nazi-ke ezinye izinto ezingabula­wa ukuphonsek­a mawala kwemoto: - Kungafa ama shock absorber - Control arm/ Arm - Rubber bushes - Stabiliser - Tyre rod ends - Ball joints - Engen mountings - Air bags - Rims and tyre - CV joints nokunye okuningi Umbono wama hazard uthi uma imoto yakho ike khalakathe­la esiseleni, thenga amasondo amasha, uyihlole isimo sikaxhakam­ani othwala amasondo nokuthi ama rim awagobanga yini. Uma usuqedile ukwenza lokho yabhalansw­a, kusuke sekufanele iyongena kwi-wheel alignment. Uma zonke lezi zinto esizibale ngenhla seziqinise­kisiwe ukuthi azifanga, kungadinge­ka ukuthi uyise kubacangca­thi bezimoto bayelule bayiqondis­e uma isinesenye­lo.

Uma inesenyelo ubona ngokuthi ilokhu idonsela eceleni uma ihamba. Kwesinye isikhathi kungenzeka kuphoqeke ukuthi ugcine usuthenge yonke i-front suspension entsha ephelele.

Ngikhuluma nje nalena yakithi ebengikhul­uma ngayo ize yayolulwa kubantu abasebenza umzimba wemoto ngoba abamathayi bethi kwasekonak­ele ngawo. Wona amsondo amasha ngiwatheng­ile kodwa isenyelo asizange selapheke ngokuphele­le.

Hhayike- kungalezo zizathuke sithi qaphela ungagcini ngokushint­sha isondo kuphela emva kokukhalak­athela esiseleni ngemoto. Kodwa qhubeka uhlole zonke izinto ebezingali­mala. Sesicela ukuthi siwavale la ma-hazard anamhlanje, sibuyele emgwaqweni siyishaye izule insimb’yomlungu kodwa sikhumbule ukuba mehlomane emgwaqweni, ikakhuluka­zi ngalezi zinsuku zemvula enkulu ngoba imba imigodi ongafunga ukuthi imbiwe ngogejamba­zo. Masiqhubek­e nokuziphat­ha kahle nakulo nyaka ukuze sihlangane sisaphila nangesonto elizayo. Uma ufisa siyiqhube le ndaba ngena ekhasini lethu kwiFaceboo­k elithi Igedlela lami with Sthembiso Shangase. Yimi owenu nali ikheli ngezansi hazardiso@gmail.com

 ?? Isithombe: Leon Lestrade ?? AMA-POTHOLES emgwaqweni angadala umonakalo omkhulu emotweni ngaphandle kokuqhumis­a amasondo
Isithombe: Leon Lestrade AMA-POTHOLES emgwaqweni angadala umonakalo omkhulu emotweni ngaphandle kokuqhumis­a amasondo
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa