Isolezwe

ISuzuki Auto izovula amagaraji amasha

-

IHLELA ukuvula amagaraji amasha kuleli nasemazwen­i angomakhel­wane iSuzuki Auto ezishaya isifuba ngokuba nonyaka omuhle nyakenye.

Ngaphandle nje kwamagaraj­i amasha, le nkampani izokwethul­a izimoto ezintsha kulo nyaka.

“Okunye okwenze saphumelel­a ngo-2017 ngamagaraj­i ethu azimisele,” kusho u-Andre Venter oyiNhloko yezokudayi­sa nokumaketh­a kwaSuzuki.

“Sizokwesek­a isibalo esikhula ngokushesh­a samakhasim­ende ethu ngokuvula amagaraji amasha eNingizimu Afrika yonke kanjalo nasemazwen­i angomakhel­wane,” kusho uVenter.

Uthe kulo nyaka balungisel­ela unyaka omatasa ngasekuthe­ngweni kwezimoto zabo njengoba bephothule unyaka odlule bephule irekhodi labo.

Le nkampani iphinde yamemezela nokunyisa kwayo i-warranty ezimotweni zayo kule kota yokuqala yonyaka.

“Ngesikhath­i sisalinde izibalo zonyaka wonke zakwaNaams­a, sesivele sidlule irekhodi lethu lokudayisa lonyaka kuya kuNovemba 2017 njengoba sidayise izimoto ezingaphez­ulu kuka-8 000,” kusho yena.

Uthe yize belindele izibalo ezikhombis­a ukuthi benze kahle ngoDisemba kodwa ngeke zizidlule ezikaNovem­ba ezaba yirekhodi kule nkampani.

Le nkampani yethule i-warranty yeminyaka emihlanu noma ibanga lika-200 000km kuzo zonke izimoto ezidayise kuze kuphele unyaka odlule.

Le nkampani ithe izonyusa amanani ezimoto zayo ngo1.5% ngaphandle kwe-Ignis eyintandok­azi.

 ??  ?? ISUZUKI Auto South Africa izovula amagaraji amasha kuleli kulo nyaka njengoba ilindele ukuthi izimoto zayo ziqhubeke nokwenza kahle emakethe
ISUZUKI Auto South Africa izovula amagaraji amasha kuleli kulo nyaka njengoba ilindele ukuthi izimoto zayo ziqhubeke nokwenza kahle emakethe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa