Isolezwe

Umphakathi ungenza ukuthi kungaphind­e kubulawe muntu

-

MHLELI: Kuningi kuyenzeka ezweni lethu sibamnyama, kungathi akwenzeki lutho noma kufika ezihlotshe­ni zakho kade, ukubona kuyinto ekude kabi nawe leyo kodwa “cha” igiya lokunaka izimo ezindaweni esikuzo yinto obonayo ikude leyo, njengoba ubuSathane buyadansa ezindaweni zethu kodwa kube sengathi akwenzeki lutho.

We muntu omnyama waseNingiz­imu Afrika, yingoba ngempela ungaboni kwenzekani la ezweni okulo? Ubani omoyizelay­o ngaleli lizwe phakathi kukaSathan­e noNkulunku­lu? Ubani onikina ikhanda ngezwe lakhe alidale yena? Kufa abantu abangaki ngezindlel­a ezimbi ezihlukene la ezweni lethu ngosuku?

Yingoba ngempela ungaboni ukuthi nawe lukhulu luyeza kuwe noma emndenini wakho njengoba ukushaya indiva nje sengathi yinto ekude nawe?

Uyaqonda ukuthi uzwa lokhuya mhlawumbe kuwe kofika okunye ngenye indlela lalo igiya lasathane obonayo uyadansa ezweni laNkulunku­lu futhi ubophele?

Niyimiphak­athi eminingi ehlukene, kwenzeka izinto eziningi ezimbi ezahlukene, yingoba leli engihlale ngilisho kini ukuthi “konke lokhu niwumphaka­thi ohlangene, nobambisen­e ningakuqed­a nya endaweni yenu”?

Awukunaki futhi awunandaba nako yingoba ungohlakan­iphile uma ungaqondi ukuthi kofika nakuwe noma elungwini lomndeni kungokunye, ngenye indlela?

Mphakathi siyabona futhi siyezwa amaphoyisa, abasezikhu­ndleni ezinkulu kuhulumeni, enibathemb­ile ngasemakha­ya, nosomabhiz­inisi nalabo abafuna imali ngokushesh­a, kunobuSath­ane obubi kabi ababenzayo ukuze baphumelel­e. Abanye babulala izingane zabo njengoba cishe njalo ngosuku muva nje zikhona ezifayo.

Izidakamiz­wa ezinzima nezithandw­a kakhulu kusezandle­ni zamaphoyis­a nawezikhul­u ezithile eziphezulu kuleli lizwe obonayo ukuthi uSathane lisezandle­ni zakhe kusuka phansi kuya phezulu. Kodwa konke lokho bekungekho ngeminyaka yawo-1970 no-1980 nokufa komuntu kalula ngale ndlela futhi kuphelele emoyeni engathi kufe impukane yinto ebingekho.

Khumbulani sibamnyama sodwa nje kuconsani lapho-ke kuleyo ndawo. Uzwe kuthiwa izinyanga zifuna izicubu ezithile zabantu, zithenge abantu, bayaziwa kodwa umphakathi walapho lutho ukuyisukum­ela leyo nto, bebe bewazi kahle amaphoyisa amanje ukuthi kwasala igama nje.

Mphakathi hlanganisa­ni amakomiti azolwa nobuhlava obugcwele ezindaweni zenu, kwenzeka okubi kusukumele­ni ngendlela yokuthi kungaphind­e kwenzeke futhi ningakwenz­a ukuthi kungaphind­e kwenzeke nhlobo, ngoba nginenkole­lo yokuthi kwenzeka nje kuyaqhubek­a yingoba kufana nokuthi niyakuthok­ozela niwumphaka­thi wakuleyo naleyo ndawo. Nkosinathi R Ziqubu KWADUKUZA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa