Umphakathi ungenza ukuthi kungaphinde kubulawe muntu
MHLELI: Kuningi kuyenzeka ezweni lethu sibamnyama, kungathi akwenzeki lutho noma kufika ezihlotsheni zakho kade, ukubona kuyinto ekude kabi nawe leyo kodwa “cha” igiya lokunaka izimo ezindaweni esikuzo yinto obonayo ikude leyo, njengoba ubuSathane buyadansa ezindaweni zethu kodwa kube sengathi akwenzeki lutho.
We muntu omnyama waseNingizimu Afrika, yingoba ngempela ungaboni kwenzekani la ezweni okulo? Ubani omoyizelayo ngaleli lizwe phakathi kukaSathane noNkulunkulu? Ubani onikina ikhanda ngezwe lakhe alidale yena? Kufa abantu abangaki ngezindlela ezimbi ezihlukene la ezweni lethu ngosuku?
Yingoba ngempela ungaboni ukuthi nawe lukhulu luyeza kuwe noma emndenini wakho njengoba ukushaya indiva nje sengathi yinto ekude nawe?
Uyaqonda ukuthi uzwa lokhuya mhlawumbe kuwe kofika okunye ngenye indlela lalo igiya lasathane obonayo uyadansa ezweni laNkulunkulu futhi ubophele?
Niyimiphakathi eminingi ehlukene, kwenzeka izinto eziningi ezimbi ezahlukene, yingoba leli engihlale ngilisho kini ukuthi “konke lokhu niwumphakathi ohlangene, nobambisene ningakuqeda nya endaweni yenu”?
Awukunaki futhi awunandaba nako yingoba ungohlakaniphile uma ungaqondi ukuthi kofika nakuwe noma elungwini lomndeni kungokunye, ngenye indlela?
Mphakathi siyabona futhi siyezwa amaphoyisa, abasezikhundleni ezinkulu kuhulumeni, enibathembile ngasemakhaya, nosomabhizinisi nalabo abafuna imali ngokushesha, kunobuSathane obubi kabi ababenzayo ukuze baphumelele. Abanye babulala izingane zabo njengoba cishe njalo ngosuku muva nje zikhona ezifayo.
Izidakamizwa ezinzima nezithandwa kakhulu kusezandleni zamaphoyisa nawezikhulu ezithile eziphezulu kuleli lizwe obonayo ukuthi uSathane lisezandleni zakhe kusuka phansi kuya phezulu. Kodwa konke lokho bekungekho ngeminyaka yawo-1970 no-1980 nokufa komuntu kalula ngale ndlela futhi kuphelele emoyeni engathi kufe impukane yinto ebingekho.
Khumbulani sibamnyama sodwa nje kuconsani lapho-ke kuleyo ndawo. Uzwe kuthiwa izinyanga zifuna izicubu ezithile zabantu, zithenge abantu, bayaziwa kodwa umphakathi walapho lutho ukuyisukumela leyo nto, bebe bewazi kahle amaphoyisa amanje ukuthi kwasala igama nje.
Mphakathi hlanganisani amakomiti azolwa nobuhlava obugcwele ezindaweni zenu, kwenzeka okubi kusukumeleni ngendlela yokuthi kungaphinde kwenzeke futhi ningakwenza ukuthi kungaphinde kwenzeke nhlobo, ngoba nginenkolelo yokuthi kwenzeka nje kuyaqhubeka yingoba kufana nokuthi niyakuthokozela niwumphakathi wakuleyo naleyo ndawo. Nkosinathi R Ziqubu KWADUKUZA