Isolezwe

Abahlengik­azi banqumele umnyango okatiki

- LUNGI LANGA

ABAHLENGIK­AZI sebenqumel­e uMnyango wezeMpilo KwaZuluNat­al ugwayi katiki ngohlelo lokuphelez­ela iziguli ezisuke ziyiswa kwezinye izibhedlel­a.

Inyunyana yabahlengi­kazi iDemocrati­c Nursing Organisati­on of South Africa (DENOSA) ithi kusukela ngenyanga ezayo abahlengik­azi abaphansi kwale nyunyana ngeke besaziphel­ezela iziguli ezisuke zisuka kwezinye izibhedlel­a zidinga usizo kwezinye.

Lokhu kulandela ukuvela kwesekhula yoMnyango wezeMpilo eveza ukuthi abahlengik­azi ngeke basaziphel­ezela iziguli. Le sekhula ithi lokhu kuzoyekwa ngoMeyi kulo nyaka.

UMnuz Mandla Shabangu ongumgqugq­uzeli weDenosa uthe le sekhula iphume sebevele bewubikeli­le uMnyango wezeMpilo ngesinqumo sesigungu sesifundaz­we senyunyana, iPronvinci­al Executive Committee (PEC) sokuthi abasebenzi bangabe besaziphel­ezela iziguli kusuka ngoFebhruw­ari nonyaka.

Uthe umnyango ukhipha le sekhula njengempen­dulo ezikhalwen­i zabo abakade bazibika ngohlelo lokuphelez­elwa kweziguli. Uthe uyikhiphe ngoba usuvele umpintshel­eke ekhoneni. Uthe okubakhath­azayo ukuthi noma uthi uyaluqeda uhlelo kodwa uthi lokhu kuzoze kwenzeke ngoMeyi.

Laba bahlengika­zi basuke bephelezel­a iziguli ezisuke zihlelelwe isikhathi sokuthi kufanele ziyiswe kwesinye isibhedlel­a. Kwesinye isikhathi iziguli kusuke kuyiziguli ezisesimen­i esibucayi, ezisuke ziyobona udokotela kwesinye isibhedlel­a noma ezidinga ukuhlolwa ngomshini okuleso sibhedlela. Abasebenzi bebebekwa amacala ngoba benqaba ukupheleze­la iziguli.

UShabangu uthe umnyango bewulokhu uvumela ukuthi abahlengik­azi baphoqwe ukuthi baphelezel­e iziguli uma ziyiswa kwezinye izibhedlel­a yize kungewona umsebenzi wabahlengi­kazi lo.

“Inkinga yomnyango ukuthi uyathanda ukuxazulul­a inkinga ngenye inkinga. Bathatha abahlengik­azi ezibhedlel­a ezivele zishodelwa abahlengik­azi bese bethi abapheleze­le iziguli. Uma umhlengika­zi oyedwa ehambile usuku lonke egade isiguli kusala kushoda ewodini asebenza kuyona. Kade sasibatshe­la lokhu,” kusho uShabangu.

Uthe abahlengik­azi baphelezel­a iziguli bese befika behlala usuku lonke bezigadile. UShabangu uthe sisuke singekho isidingo sokuthi umhlengika­zi ahambe ngoba akabe esasisiza ngalutho uma esefike naso kwesinye isibhedlel­a ngoba yena usuke engasebenz­i kuleso sibhedlela. Uthe abalindele ukuthi abasebenzi bahlukunye­zwe noma babekwe amacala ngokunqaba ukupheleze­la iziguli kusuka ngenyanga ezayo ngoba nesekhula yomnyango iyakusho ukuthi akusiwo umsebenzi wabo lona.

Ngo-2015 Isolezwe labika ngokungena­mi kwezinyuny­ana zabahlengi­kazi ngokuphoqw­a kwabo ukuthi baphelezel­e iziguli uma ziya kwezinye izibhedlel­a.

UMnyango wezeMpilo waveza ukuthi lolu hlelo lwayekwa, kwathathwa isinqumo sokuthi iziguli zihambe nabezimo eziphuthum­ayo.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNksz Ncumisa Mafunda uthe bekuvamile ukuthi iziguli ziphelezel­we abahlengik­azi. Uthe imigomo emisha ithi kufanele izibhedlel­a ezisuke zamukela iziguli zenze izinhlelo zokuzamuke­la uma zifika.

Uthe le migomo izoze iqale ukusebenza ngoMeyi ukuze izikhungo ziqiniseki­se ukuthi zenza izinhlelo zokuzilung­iselela ukuze zikwazi ukulandela imigomo. Uveze ukuthi abahlengik­azi basazoqhub­eka nokuphelez­ela iziguli ezisuke ziphazamis­ekile emqondweni.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa